Uxakwa wukudidiza emuva, kodwa uthi bazolwa kuze kube sekugcineni oweRichards Bay

USimo Dladla

OKADONGA GUMBI

Indlela abavala ngayo emuva abadlali bakhe muva nje iyamdida umqeqeshi weRichards Bay, uSimo Dladla njengoba sebengenelwe amagoli ayisithupha emidlalweni emithathu edlule.

Lokhu kuvuza kwabo emuva sekwenze basuswa eqhulwini kwiGladAfrica Championship la osekuqwhakele khona iRoyal AM. INatal Rich Boys isisendaweni yesibili kanti isele ngamaphuzu amabili kwiRoyal.

Udladla nomuzwa wokudumala ngendlela abaphinde bavuza ngayo emuva bebhekene neJDR Stars ebashayele ekhaya eMhlathuze ngo 2-1 ngeSonto. Uthi yize umqeqeshi weJDR ebancomile wathi kube wukulahlwa yinhlanhla nje okubenze behlulwe, yena akakuboni lokho.

“Ngeke ngakusho lokho. Besiligcina kahle ibhola, sizivula kahle izikhala ebesizifuna. Besiligoba kahle ibhola eliya kumgadli wethu uSiyabonga Vilane – bekunokuxhumana okuhle.

“Kodwa igoli leli elilodwa esilishayile alanelanga, emuva asenzanga neze kahle. Uma ubheka imidlalo emithathu edlule sesingenelwe amagoli ayisithupha, lokho akukuhle neze,” kusho uDladla.

“Besibatshelile abadlali ukuthi laba bantu bayashesha futhi banomjiko ngakho bazosicindezela, thina sidinga ukuthi siqine uma uzobhekana nomuntu ngayendwana.

“Kodwa ukufaka unyawo umuntu elifulathele ipali lethu yinto engachazeki. Umehluko kube wukuthi bavimbe kahle emuva. Ukudlala kahle nokugcina ibhola yinto yethu esizilolonga kuyo zonke izinsuku, into ebengiyiqabuka wukuhlulwa amathuba kanjena,” kusho uDladla.

Njengoba sekusele imidlalo emibili iphele isizini bese kuphuma neqembu elizonyuselwa kwiDStv Premiership, uDladla uthi sekumele bacimeze bafake amandla okokugcina.

“Ngiyakuqonda ukuthi bekunengcindezi, kodwa kukhona izinto ezizenzekela zona uma ungumdlali, ezinye zezinqumo ziyakumangaza uma umuntu ehlulwa wukwenza into elula.

“Sekusemqondweni manje ngoba vele ingcindezi seyikhona. Ngokujwayekelile asivimbi kanjeya emuva. Ngibone sengathi besinokutatazela kakhulu.

“Sekumele sigqugquzelane manje ukuze siqede isizini ngegiya eliphezulu,” kuphetha uDladla. Ibay izobhekana neJomo Cosmos ekuhambeni ngeSonto bese ivala ngeSteenberg United okuyimidlalo engelula neze.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.