UXavi unovalo lwerekhodi elibi kwiBarca efika nje

UXavi unovalo lwerekhodi elibi kwiBarca efika nje
UXavi
UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weBarcelona uXavi ukhala uyazithulisa ngokuthi ezakhe zingase zihluleke ukungena kwiLast 16 ye-Uefa Champions League.

Leli qembu lisale ngaphandle emaqenjini aqhubekela phambili kulo mqhudelwano ngemuva kokudlala ngokulingana neBenfica ngo-0-0 ngoLwesibili.

IBarca iphuthwe ithuba lokungena esigabeni somkhumulajezi yize kade ewuphethe umdlalo eCamp Nou.

Leli qembu lisahlezi endaweni yesibili kuGroup E kanti lishiya izinkunzi zasePortugal iBenfica ngamaphuzu amabili.

Izodlala neBayern Munich ezihola phambili kuGroup E emdlalweni olandelayo, abaningi abakholwa ukuthi kuzoba nzinyana ukuthi ezikaXavi zigcine zingenile kwiLast 16.

UXavi uthi iBarca izoya eGermany iyofela enkundleni.

“Besigcono kakhulu kuneBenfica, inkinga nje ukuthi asilishayanga igoli,” kusho lo mqeqeshi weBarca.

“Leli phuzu esilithole lapha alisho lutho. Sisalelwe umdlalo owodwa, kufanele siye eGermany siyonqoba.

“Sinegoli elilodwa emidlalweni emibili selokhu ngithathe izintambo zokuqeqesha iBarca, nalelo goli kwakuyiphenathi.

“Kuyacaca ukuthi kufanele sibhukule. Kufanele siye eMunich siyowina, siyiBarca thina.”

IBarcelona ilishayile igoli ngomzuzu ka-83 ngesikhathi isitobha uRonald Araujo edonsa imbumbulu ephakathi ebhokisini.

FUNDA NALA: USikhakhane uthi bayolanda amaphuzu abo kwiChiefs

Ngeshwa umsizi kanompempe akalibalanga ethi ubesesendaweni engamfanele (offside).

Lo mdlali wase-Uruguay uthi uyayijabulela indlela abadlale ngayo kodwa umphumela uyaphoxa.

“Alibalwanga igoli lethu ebelizokwenza sidlulele phambili kulo mqhudelwan,” kusho Araujo.

“Thina besisesimweni esihle ngokomqondo kodwa nayo iBenfica ibiqine kakhulu emuva.

“Kubuhlungu ngoba besifuna amaphuzu amathathu lapha eCamp Nou phambi kwabalandeli bethu, manje sekufanele siyowathatha eMunich.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.