UXoki uthi akukho abazovika ngakho uma AmaZulu engashayelwa ekhaya

UXoki uthi akukho abazovika ngakho uma AmaZulu engashayelwa ekhaya
UTapelo Xoki
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

UTapelo Xoki oyisitobha saMaZulu FC, uthi kumele bawine nakanjani uma sebebhekene neSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership, eJonsson Kings Park eThekwni ngoLwesithathu ntambama.

Usuthu luyiqale ngebatha isizini ka-2021/22. Luqale lwakhishwa yiCape Town City kwiMTN 8. Lube selushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni wokuqala wePremiership.

Akungabazeki ukuthi lokhu kufake ingcindezi kubafana bakaBenni McCarthy abenze kahle kakhulu ngesizini edlule.

“Lona umdlalo okumele siwuwine nakanjani, ngeke sikwazi ukuvumela ukudedela amanye amaphuzu,” kusho uXoki.

“Asiqalanga kahle sibhekene neSundowns. Sidlale kahle kodwa asiwutholanga umphumela ebesiwudinga.

“Kumele sibeke umoya phansi sizame ukuthola umphumela omuhle ekhaya, ozosibeka phezulu ukuze sifeze lokhu esikuhlosile.”

Kunabadlali abebengekho emidlalweni emibili edlalwe AmaZulu kanti uXoki ukholwa ukuthi ukubuya kwabo kuzokwenza umehluko.

“Nakanjani ukubuya kozakwethu kuzolisiza kakhulu iqembu. Akubanga isiqalo esihle sidlalela ekuhambeni kodwa manje sesiyabuya enkundleni esiyijwayele.

“Indawo esiyijwayele, umdlalo wasekhaya, akukho ukubeka izaba. Siyijwayele le nkundla futhi siyakujabulela kakhulu ukudlala kuyona.

FUNDA NALA: Bamsaba kufanele uGavin Hunt abeSundowns njengoba abaxova ngesizini edlule

“Umdlalo wokugcina esawudlala lapha neSwallows sawuwina, ngakho sifuna ukuyiqala kanjalo isizini ekhaya.

“Sidinga ukuzethemba njengoba sizodlala lo mdlalo, sithathe umdlalo ngamandla wonke esingawakhipha,” kuphetha uXoki.

IZinyoni zivule isizini ngokushaya iqembu elisanda kufika kwiPremiership, iRoyal AM, ngo 1-0 ngempelasonto.

Zizophinde zidlale kowomlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN 8 lapho zizotholana phezulu neCape Town City ngempelasonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.