Uxoshelwe ukuthwala ibhadi lezembe umdlali kwiGalaxy

Uphelelwe wumsebenzi osolwa ngokuthandwa yizembe
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

I-TS Galaxy isivele yakhetha ukwehlukana naye umdlali okuthiwa amaqembu adlala kuwo agcina edliwe yizembe.

UMohammed Anas waseGhana ngokudabuka usebemabhukwini eGalaxy kodwa ngokuthola kweMpempe usevele wadedelwa.

Abasondelene naleli qembu bathi abaphathi bahoshe umoya wokuthi kunabadlali abakhala ngaye u-Anas bathi selokhu kufike yena kunenkinga.

“Unomlando omubi kakhulu lo muntu yingakho ozakwabo bebengayizwa nje indaba yakhe,” kusho umthombo weMpempe.

“Efika kuleli kwiMariztburg (United) yasinda ngokulambisa ezembeni kwaze kwakabili.

“Uthe uma esuka lapho waya kwiFree State Stars kwafike kwaba yiso leso, layidla izembe.

FUNDA NALA: USemenya ucacisa ngomqeqeshi ‘axabene naye’

“Ulandele ngePolokwane City nakuyo afike kwavalwa ngehlahla yahamba njengoba yadliwa yizembe.

“Usuyazazela ke nawe ukuthi kwenzekeni kwiBlack Leopards ngesizini edlule,

“Manje abanye abadlali bebenovalo lokuthi nalapha ufike nalo leli bhadi elimlandelayo.

“Bathi kusukela kukhona yena nje imiphumela iyalichitha iqembu yize lidlala kahle,” kuchaza lo mthombo.

Okhulumela iTS Galaxy uMinenhle Mkhize akatholakalanga ukuba aphawule ngalokhu ngoMsombuluko ekuseni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.