Uxoshelwe umsindo namaphathi endaweni abehlala kuyo owePirates

Uxoshelwe umsindo namaphathi endaweni abehlala kuyo owePirates
Alf Ngubane

UNkanyiso “Pelembe” Zungu we-Orlando Pirates sekunezindawo zokuhlala ezingamafulethi Impempe esithole ukuthi usevalwe ukuhlala khona ngenxa yokubanga umsindo nokungaziphathi ngendlela eyamukelekile.

Umthombo wethu osondelene nalo mdlali uthi waxoshwa kwenye indawo ayehlala kuyo ngenxa yokuthi ubehlezi enza amaphathi, kubangelwe omakhelwane umsindo ngomculo.

“Bekungcono kakhulu ngesikhathi edlala kwiStellenbosch ngoba ubengakwazi ukuzithokozisa ngobumnandi ngoba ubevalelekile ehlala endaweni yabamhlophe,” kusho lo mthombo.

Uveze ukuthi yiyo le mpilo yokuthanda ubumnandi eyamxoshisa nakuMaZulu FC ayedlala kuwo ngaphambi kokuya kwiStellies.

“Uthe uma efika kwi-Orlando Pirates wathola zimbiwe insela ekhishini yazitapa yazibeka etsheni.”

Kumanje lo mdlali uhamba icala lokushaya intombi yakhe. UZungu usephenduke ukudla kwebhentshi kwiPirates njengoba eqiwa yijezi ngenxa yokuhamba izindlela zobumnyama.

Umthombo ukubeke kwacaca ukuthi ubefuna ukukhuza ibuya kuMaZulu kodwa leli qembu lamziba ngenxa yokuziphatha budlabha kwakhe.

“Ubethi ufuna ukubuyela kuMaZulu ngokubolekiswa yiPirates kodwa bamziba nje, abangakhombisa ukukuthokozela lokho.

“Kwenzeke okufanayo nakwiStellenbosch njengoba uBarker avele wangayinaka indaba yakhe nje uma ezama ukubuyela khona.”

FUNDA NALA: UBaxter useyabona ukuthi ngeke bayifice ngisho sebethanda iSundowns?

Lo mthombo ubuye wasola nozakwabo ashomene nabo nathi abakhuzani noma sebedlala ngomsebenzi.

Kubonakala ilanga limshonela njengoba elandela abadlali abafana noThami Sangweni ongumngani omkhulu wakhe, Dumisani Zuma weKaizer Chiefs noSiphelele Ntshangase, naye oxhoshwa yizibani zasemikilabhini angabe esaya ngisho ejimini.

Bonke laba badlali badlala ibhola elinenkosi phakathi kodwa kuyaphela ngabo ngenxa yokuhluleka ukuziphathisa okomdlali wezinga elikhokhelayo.

Kumanje uNtshangase ikusasa lakhe lisengcupheni kwiMarumo Gallants njengoba isikimu egcina ukusithola ejimini nje.

Kuyavela ukuthi abaphathi baleli qembu abeneme nhlobo ngaye futhi bangase bamkhombe indlela afika ngayo uma kuphela isizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.