Uyamthanda noma awumthandi: uPitso uyaqhubeka nokuzakhela igama ebholeni lomhlaba

UPitso Mosimane, oqeqesha i-Al Ahly futhi ozakhela igama ebholeni lomhlaba

MTHOKOZISI MNCUSENI

“Singonombolo bani ezinombolweni ukudlala neqembu elabhuquzisa izingqongqo zebhola lomhlaba i-FC Barcelona yaseSpain ngo 8-2 emdlalweni we-Uefa Champions League kukhona ngisho inkunzi enguLionel Messi?”

Uma ulilandela ibhola lakuleli ngeke kube lukhuni ukuqagela ukuthi uyena muphi kubaqeqeshi baseNingizimu Afrika osho la mazwi.

Akasaqeqeshi lapha uma kuqale kwaduma upotiyane kuwena (usacabanga), kepha useyinhloko ethimbeni elihlela wonke amaqhinga eqembu elikhulu futhi eselike lahlabana ukuwedlula wonke e-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt.

UPitso “Jingles” Mosimane. Abanye bayazifela ngaye abanye abamfuni nalapho ehambe khona.

Iqiniso ukuthi ungumqeqeshi ochomayo kodwa akekho ongazi ukuthi kuvumelekile ukuchoma ngento onayo futhi oyisebenzele.

Ngokuhlabana uMosimane uzihambela yedwa kubaqeqeshi baseNingizimu Afrika. Unerekhodi elihle futhi uma ubheka isikhathi sakhe eshayela umkhumbi weBafana Bafana.

Akugcini eNingizimu Afrika lokhu kuhlabana kodwa usephumele ngaphandle waziveza ngeMamelodi Sundowns nange-Al Ahly okumenze waqokwa njengomqeqeshi ovelele e-Afrika ngo-2016.

Ngesizini ka-2013/14, 2015/16, 2017/18, 2018/19 neka-2019/20 eNingizimu Afrika uMosimane uqokwe njengePremier Soccer League (PSL) Coach of the Season.

Esikhathini esifushane efikile kwi-Al Ahly amenyezelwe kuyona njengomqeqeshi omusha ngoSepthemba 30 nyakenye, usengeze nge-Egyptian Premier League ka-2019/20, Egypt Cup ka-2019/20 neCAF Champions League yesizini efanayo emxhakeni wakhe wezindebe.

Kungenxa ye-Al Ahly uMosimane ubalwa namagama asematheni ezinkundleni zokuxhumana.

“Ukudlala neBayern Munich kithi kuvula ithuba lokuthakasela inhlanhla esizithola sikuyona sikhohlwe okunye. Yini ngempela ebhekwe kithi sidlala neBayern ompetha beChampions League? Okwethu ukuqonda ithuba esizithola sikulo bese silisebenzisa ngendlela efanele.

“Akekho obheke ukuthi sishaye izigayigayi ezaziwayo emhlabeni! Simelwe ukuthokozela ithuba esizithola sibhekene nalo kuphela. Singazuza kuphela kulo mdlalo ngeke silahlekelwe yilutho ngisho kungenzekani,” usho kanje uMosimane kwi-website ye-Al Ahly.

Uqophe umlando uMosimane eshayela umkhumbi we-Al Ahly inqoba ngo 1-0 kosingaye kwiClub World Cup i-Al Duhail yaseQatar ngoLwesine e-Educational Stadium.

UMosimanee uyohlale njalo aziwa njengomqeqeqshi wokuqala waseNingizimu Afrika ukuthola iwini kwiClub World Cup nokungena emdlalweni owandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

Le wini iqhathe ezikaMosimane neBayern kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano. I-Al Ahly neBayern bazonqwamana ngoMsombuluko ngo-8pm ngokwesikhathi sakuleli.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *