Uyanconcoza ngoCheeseboy umqeqeshi weSwallows

Vuyo Mere and Lebogang Mokoena of Swallows FC umqeqeshi
UVuyo Mere noLebogang Mokoena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usefisa ukuphindisela iminyaka kaLebogang “Cheeseboy” Mokoena umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter. UMokoena uneminyaka engu-34 kanti sekusondele ukuthi awajibe ethala amakhokho.

Kusobala ke ukuthi uma kwenzeka lokho, sizovuleka isikhala sakhe kwiDube Birds kwazise ungukaputeni oyisibonelo esihle. Yize esekhulile ngeminyaka, uMokoena usazimisela sengathi ngumfanyana osafuna ukuziveza kubaqeqeshi njalo uma esenkundleni.

“Ukaputeni ubeyinsika yethu kule sizini,” kusho uTruter ngoMokoena. UCheeseboy ungene esuka ebhentshini emdlalweni wokugcina weSwallows kwiDStv Premiership ngempelasonto. Ufike wenza ushintsho olubonakalayo bebambana ngo 1-1 neBaroka FC.

“Besinabadlali abancane esiswini o(Kamohelo) Mahlatsi no(Given) Thibedi… uma ungumqeqeshi usuke ufisa ukuthi bafunde kumuntu ofana noMokoena ukuze baqhubeke uma sekufika la ebeka khona amakhokho ethala.

“Kumele sibhekane neqiniso, useyasondela ekutheni athi khumu ekudlaleni. Ungene wenza umehluko namuhla. Usele nesizini eyodwa kwinkontileka yakhe futhi kukhulu akwenzela iqembu enkundleni nangaphandle.

“Abadlali abancane kumele bafunde kuye, bengancintisani naye. Sinabo baningi abadlali asebekhulile okumele kufundwe kubo oVuyo Mere noMusa Nyatama ngabanye babo.

“Sifake u(Givemore) Khupe endaweni kaNyatama namuhla wenza kahle kakhulu waze washaya negoli. Yilokho esikufunayo, okumele siqhubeke nakho. Ngiyamhlonipha kakhulu uCheeseboy,” kusho uTruter.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.