Uyanconcoza uMcCarthy ngoMemela noMajoro abangene benza izimanga

ULuvuyo Memela ongene wajika izinto zavuma AmaZulu FC emdlalweni weNedbank Cup

MTHOKOZISI MNCUSENI

Utuse abadlali bakhe abasuke ebhentshini bashintsha umdlalo uBenni McCarthy oyinhloko yabaqeqeshi kuMaZulu FC adlulele emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup ngokunqoba kwiLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo.

Usuthu lubuye ngemizuzu yokugcina igoli lishaywa nguLehlohonolo “Major” Majoro ophakelwe kahle uLuvuyo “Amigo” Memela bobabili abangene esiwombeni sesiibli.

Kwesokuqala isiwombe bekubukwa i-Arrows eye ekhefini ihamba phambili ngegoli elishaywe nguMichael Gumede obephaselwe nguKnox Mutizwa.

Eqinisweni bekumele i-Arrows isheshe iwuqede lo mdlalo ngokwamagoli alula obekufanele iwashaye kodwa ukuzethemba kakhulu ngoba ibona ukuthi iwuphethe umdlalo, igcine ikukhohlwa ukuthi igoli elilodwa lanele.

Kulapho ke uMcCarthy efake khona uMajoro noMemela zaqala zajika izinto zavuna izivakashi zosuku.

“Kuyajabulisa kunoma yimuphi umqeqeshi ukuba nabadlali owaziyo ukuthi uma usubadinga nakanjani bazokunika le nto oyifunayo.

“UMemela ungene wakhombisa ukuthi ulilambele ijezi futhi uzimisele ngokuba yingxenye yemidlalo efana neyeNedbank Cup.

“Akekho ongazange abone ukuthi indlela agobele ngayo uMajor (Majoro) ikucacisile ukuthi useqophelweni elithe ukuba phezulu kunabanye.

“Kwayena uMajoro indlela asibuyise ngayo emdlalweni ikhombisile ukuthi ungumpetha futhi usazimisele ngokuba umpetha futhi. Ngijabule kakhulu ngendlela laba badlali babobabili abangene emdlalweni benza ngayo,” kunconcoza uMcCarthy

Akawuvali umlomo nge-Arrows uMcCarthy: “Liyaphenduka leli qembu futhi kukhulu okusazovela kulo. Ngenxa yalokhu esiwombeni sokuqala besithothobele ngoba besixine ngayo yonke into. Besibuka bona bezenzela.

“Kuze kwasiza ukuthi ngibakhumbuze abadlali bami ukuthi babhekene nezimbangi zabo ezinkulu zaseThekwini futhi lo ngumdlalo wendebe manje asikho isidingo sokuzonga noma basabe ukwenza abakufisayo.”

Uthi kuyamkhuthaza ukuthi iqembu lakhe liyakwazi ukubuya ekugcineni kodwa ufisa sengathi lingazijwayeza ukuhamba phambili manje.

“Sekucacile sinawo amava okubuya kodwa kufanele kube yithi esijahwayo manje. Ngiyazi sinqobe emaphenathini lapha okuyinto engawinwa yinoma ubani kodwa ngijabule ukuthi kube AmaZulu adlulela emzuliswaneni olandelayo,” kusonga yena ngenkulu intokozo.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.