UYANCONCOZA: UNcikazi uthi kusho lukhulu kuye ukuqokwa kweyePSL

UMandla Ncikazi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UMandla Ncikazi oqeqesha iLamontville Golden Arrows ubonga uyanconcoza ngokuqokelwa ukuthi abange umklomelo womqeqeshi ovelele njengoba kusongwa isizini ka-2020/2021 yeDStv Premiership.

UNcikazi uqokelwe lo mklomelo noBenni McCarthy waMaZulu FC noRulani Mokwena benoManqoba Mngqithi abaqeqesha iMamelodi Sundowns. Lo mqeqeshi waBafana Bes’thende usebenze umsebenzi omkhulu kule sizini ebambisene nabadlali bakhe.

Njengamanje i-Arrows isendaweni yesithathu kwilogi yePremiership futhi inethuba elihle lokuqeda kule ndawo bese izibekisela indawo kwiCAF Confederation Cup.

“Ngicela ukuthatha leli thuba ukubonga ukunakwa kokwenza kahle kweqembu lethu kule sizini ngokuthi ngiqokwe. Ukudlala kahle kwabadlali kwenza abaqeqeshi babe ngcono. Ngizizwa ngibusisekile ukuba phakathi kwabadlali abasebenze ngokuzikhandla,” kusho uNcikazi.

“Ngifisa ukubonga umdlali ngamunye ngomsebenzi omuhle. Besemlandweni weqembu nowaseNingizimu Afrika yonke. Ngeke ngifune okungaphezulu njengomqeqeshi, kuyinto eyehla kahle.

“Nganelisekile ngokukhula komdlali ngamunye eqenjini. Into ejabulisa kakhulu ngomunxa wabaqeqeshi abaqokelwe lo mklomelo kule sizini, ukuba khona kwabaKwaZulu-Natal kuwo. Ukuthi uBenni, uManqoba noma yimina akusho lutho, into ebalulekile ukuthi kukhona abasesifundazweni esihle iKwaZulu-Natal, naseThekwini.

“Ngiyafisa futhi ngiyathemba ukuthi lokhu kuyisiqalo sezinto ezinhle eqenjini lethu. Izinga lebhola kwiDStv Premiership lilokhu lenyuka futhi ngesizini ezayo kuzobe kuyinselelo kakhulu.

“Ngibafisela okuhle kodwa abaqokiwe kuyo yonke iminxa nalabo abazogcina bewinile. Ngifuna ukubonga bonke abaqeqeshi kwiligi yethu ngokuba nomoya omuhle wezemidlalo nokwenza umsebenzi ngendlela isizini yonke, ngaphandle kokunaka imiphumela,” kuphetha uNcikazi.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *