Uyaqhubeka nokuqhiqiza abadlali umqhudelwano waseLenge

Uyaqhubeka nokuqhiqiza abadlali umqhudelwano waseLenge
UXolani Sithole
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Njalo la kusuke kuhlangene khona abathandi bezemidlalo ngesikhathi bebuyele emakhaya ngamaholidi kaKhisimuzi imvamisa bayakhohlwa ngamaqembu adlala ezigabeni ezikhokhelayo.

Bayaye bagxile emiqudelwaneni yamaqembu endawo asuke egadulisana kusuke uthuli.

Kukanjalo naseLenge la kunomqudelwano ohlale uba minyaka yonke osuqede iminyaka engu-42 waba khona.

Lo mqudelwano uhlelwa nguWiseman Mkhize.

OkaKhabazela ukhulume neMpempe ngezinhlelo abanazo kulo nyaka wathi balindele izinhloli zeSuperSport United nezeFree State Stars namanye amaqembu amaningi.

“Silindele ukuthi bazohlwaya amakhono khona lapha eLenge,” kusho uMkhize.

Le ndawo yakhiqiza uJaphet Zwane owadlalela amaqembu amaningi okubalwa phakathi kwawo iManning Rangers, Moroka Swallows naMaZulu.

Lo mqudelwano ubulokhu udonsa kanzima ekukhiqizeni abadlali abanohlonzo njenxa yokungabheki kahle iminyaka yabadlali edingwa ngamaqembu adlala esigabeni esikhokhelayo.

“Kodwa manje sekujiklile lokho ngoba sesiqale uhlelo lokuthuthukisa abadlali abasebancane.

“Lube nomphumela omuhle kuze kube manje njengoba sekunabadlali abathole amakhaya kumaqembu adlala esigabeni esikhokhelayo.

“Kubadlali abatholwe kulolu hlelo singabala uMniseni “Ndishi” Ndlovu ogijime kwiJomo Cosmos nakwiReal Kings.

“UKhethakuthula Ndlovu weSwallows FC noXolani Sithole odlala kwiFree State Stars,” kusho uMkhize.

Khonamanjalo, le midlalo izoqala mhla ka-25 kuDisemba iphele mhla zingu-28 kanti kuzoba yimidlalo yebhola lezinyawo nelomqakiswano (netball).

Lo mqudelwano udonsa amaqembu amaningi asuka ezindaweni ezifana noMnambithi, Msinga, Dundee, Colenso ngisho naseBergville.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.