Uyazi njengentende yesandla sakhe i-Arrows uMokwena

UPeter Shalulile

OKADONGA GUMBI

Uyicakaze kuhle kukamakhenikha ehlukanisa injini yemoto, wabuye wayihkanganisa sengathi iqeqeshwa nguye iGolden Arrows uRulani Mokwena weMamelodi Sundowns.

Ukwenza lokhu nje yingoba lamaqembu azikhiphana inkani emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium ngoLwesithathu ntambama.

Ngumdlalo obalulekile kuwo womabili lamaqembu kwazise asembangweni wesicoco seligi okulindeleke ushube njengoba sekubhekwe entanjeni nje.

“Bayiqembu elihle kakhulu, babambe umgqigqo owodwa kusukela isizini iqala kuze kube manje. Indlela abadlala ngayo, nokuhleleka kwabo kucace bha,” kusho uMokwena.

“Uma bephethe ibhola uyazi bazokwenzani, bayiqembu elithanda ukugcina ibhola – bayathanda ukucindezela.

“Okugqamile ngabo wukuthi u90% wamagoli wabo bawashaye ngemuva kokumaka, bathole ibhola bese behlasela ngokushesha.

“Kubathatha imizuzwana eyisishiyagalombili ukufika epalini lezitha benze umonakalo,” kuchaza uMokwena ngaBafana Bes’thende.

Nokho lokhu kuhlaziya kwakhe kuzobasiza ukuthi baqhamuke namacebo okuyinqanda i-Arrows ingabagili njengeKaizer Chiefs.

Phela iChiefs ibathele othulini kungazelele muntu, basala bebakaza sengathi bashiywe yistimela ngempelasonto edlule.

“Siyabazi ubukhali babo, siyawazi umsebenzi okumele siwenze ukuze simelane nabo, bese sidlala ngendlela yethu.”

Uveze nokuthi iqembu labo liphelele, ngunozinti uKennedy Mweene kuphela onokulimala okumenza angakwazi ukuba seqenjini.

“Ngaphandle kukaPeter Shalulile, sihlome siphelele. UKennedy (Mweene) naye akekho ngoba uthintekile kancane, kodwa uPeter kungenzeka abuye, uma kungabanga kulo mdlalo, nakanjani kolandelayo,” kusho uMokwena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.