OkaDonga Gumbi
Kuthiwa uyelulama esibhedlela unozinti weTS Galaxy uMelusi Buthelezi olimale ngokugwazwa kade bedunwa imoto eSoweto ngoMgqibelo ntambama.
ITS Galaxy ikhiphe isitatimende ngeSonto ntambama iqinisekisa lesi sehlakalo ethi senzeke kade ebuya kobona unina ongaphathekile kahle.
“Unozinti weTS Galaxy osefomini uMelusi Buthelezi ube yisisulu yokudunwa kwemoto eSoweto izolo kusihlwa,”beyifundeka kanje ingxenye yesitatimende seGalaxy.
“UButhelezi nomfowabo bebebuya ukuyobhela unina ongaphathekile empilweni ngesikhathi behlaselwa abaduni egaraji eSoweto.
“Bobabili babe nezilonda zokugwazwa babe sebephuthunyiswa esibhedlela. UButhelezi usesimweni esithembisayo yize umfowabo yena kuthiwa isimo sibucayi.
“Lonozinti oneminyaka engu-23, ongekangenelwa goli esigabeni esiphezulu, ugqame ekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi edlala umdlalo wakhe wokuqala esigabeni esiphezulu emdlalweni weNedbank Cup sibhekene neKaizer Chiefs emavikini amane edlule.
“Ube esephinda engangenelwa goli emidlalweni emibili yeDStv Premiership sibhekene neSwallows naMaZulu FC.
“Umndeni wakhe usucele ukunikwa isikhathi ngesikhathi usabhekana nalesi simo. Iqembu ngeke likhulume ngalesi sigameko,” kusho lesi sitatimende.