Uyenqaba ukuzincoma ngomsebenzi omuhle kwiSwallows uTruter

UBrandon Truter

OKADONGA GUMBI

Umsebenzi wakhe muhle kakhulu uma ubheka ukuthi akukhona nje ukuthi uqeqesha iqembu, iSwallows FC okuyisizini yalo yokuqala esigabeni esiphezulu, kodwa kwayena uBrandon Truter musha kwiDStv Premiership.

Kodwa mqeqeshi oneminyaka engu-44 odabuka eKapa akafuni ukuba kunconywe yena ngempumelelo yeqembu elingelinye lamadala futhi anomlando omude kuleli.

UTruter ufike kwiDube Birds isendaweni embi kwiGladAfrica Championship ngemuva kokuxoshwa kwiRichards Bay, kodwa kuphele isizini sekuyiyo ezihola phambili.

Yingakho manje isidlala kwiPremiership kanti nakhona akukubi njengoba isendaweni yesine.
Nokho kunokukhala uTruter angakuqondi ngeqembu lakhe eselidlale imidlalo engu-15 ngokulingana yize liwine eyisishiyagalombili, lahlulwa kowodwa.

“Indlela abantu abazizwa ngayo ngokudlala ngokulingana seyiqala ukuzwela nakimi,” kusho uTruter ngemuva kokubambana ngo 1-1 neSuperSport ngoLwesibili emdlalweni weligi.

“Uma ubheka (iGolden) Arrows, seyidlale ngokulingana kwengu-12. Manje kungani kubukwa kwabi iqembu elisha kulesi sigaba ngoba okungenani sithola iphuzu siqhubekele phambili.

“Kunamaqembu angezansi kwethu angatholi lutho. Kodwa ngicabanga ukuthi sizifakele thina le ngcindezi ngendlela esiyiqale ngayo isizini.

“Kodwa yikho lokho kuqala kahle okwenze namanye amaqembu asiqaphela,” kusho uTruter.

Ebuzwa ngaye uqobo ukuthi uzizwa enjani ngokuthi kwisizini yakhe yokuqala akakaxoshwa futhi kubukeka ezoyiqeda, uvele wahluleka wukuthi athini.

“Umbuzo onzima lowo ngoba kumele ngiqhakambise ithimba lami lonke, abadlali nabaphathi beqembu nfokungethemba nokunginika leli thuba.

“Kodwa ngaphezu kwabo ngidumisa uMdali… kodwa ke kumnandi ukuthi ngike ngizohlole kuleli zinga ukuthi ngikusiphi isimo ngokwamacebo kulo mdlalo, nokuthi ikuphi la ngisasalele khona emuva.

“Iningi labaqeqeshi esisebenza nabo ngabantu esasifunda nabo ngesikhathi ngenza izifundo zokuqeqesha.

“Bengixhumana nabo nangalesi sikhathi ngisesezigabeni eziphansi ukuze ngithole umehluko.
“Ngakho bengikwazi okungilindile, futhi bengizethemba ukuthi ngizokwazi ukumelana nalesi sigaba.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.