UYeye akaphiki futhi akayivumi eyokufunwa yizinkunzi zaseDRC

UYeye akaphiki futhi akayivumi eyokufunwa yizinkunzi zaseDRC
UReneilwe "Yeye" Letsholonyane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ungomunye wabadlali abahlonishwayo kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, futhi usewine inqwaba yezindebe namaqembu ahlukene.

Lowo nguReinelwe “Yeye” Letsholonyane ogqame kakhulu waphinde wadlala ibhola elinenkosi phakathi esekwiKaizer Chiefs. Akagcinanga lapho ngoba ubengasali eqenjini lesizwe iBafana Bafana ayidlalele nakwiNdebe yoMhlaba ka-2010 khona kuleli.

Eminyakeni engu-39 anayo uBeyonce, njengoba abuye ateketiswe, ungacabanga ukuthi usewagaxe emgibeni amakhokho futhi akukho emqondweni wakhe ukuthi kukhona iqembu asengalidlalela. Njengamanje kuvela ukuthi uLetsholonyane, ogcine ukubonakala kwiTS Galaxy, ufunwa yiqembu elikhulu laseCongo, iTP Mazembe.

IMazembe ingelinye lamaqembu ahlonishwayo, anemali nahlale enza kahle kwiCAF Champions League. ULetsholonyane ngesikhathi ebuzwa yintatheli ye-impempe.com ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi ufunwa yiMazembe?

Nokuthi ngabe uyacabanga yini ukugaxa amakhokho akhe emgibeni, uphendule kanje: “Ngicela ukuthi ngingaphawuli okwamanje.”

Le mpendulo yimfushane kodwa isho lukhulu uma usuyibhekisisa. Akubonakali sengathi uYeye usefuna ukuwajiba emgibeni amakhokho akhe, futhi akayiphiki eyeMazembe yize futhi engayivumi.

ULetsholonyane uqale ukudlala ibhola kwiHellenic FC ngesizini ka-2002/2003. Ngemuva kwalokho udlulele kwiDangerous Darkies ngesizini ka-2003/2004. Nokho lapho ezinze khona ikwiPJ Stars ahlale kuyona kusukela ngo-2004 kwaze kwaba u-2006, wadlala imidlalo engu-49.

FUNDA NALA: UThulisile Miya ujabule ngezinguquko ebholeni labesifazane kuleli

Ube esejoyina iJomo Cosmos ngo-2006 okuyiqembu ahlale kulona kwaze kwaba u-2008. KweZenkosi udlale imidlalo engu-70. UYeye uhehe iKaizer Chiefs emsayinise ngo-2008, wahlala kuyona kwaze kwaba ngu-2016. KuMakhosi udlale imidlalo engu-183.

Phakathi kuka-2016 no-2018 uYeye ubeyibamba kwiSuperSport United lapho edlale khona imidlalo engu-68. Ugcine edlulele kwiHighlands Park ngo-2019 eshintshe yaba yiTS Galaxy ngesizini edlule.

Uwine isicoco seligi kabili neChiefs ngo-2012/2013 nango-2014/2015. Ngo-2008 nango-2014 uwine iMTN 8 nawo Amakhosi, kwathi ngo-2009 nango-2010 wawina iTelkom Knockout neqembu elifanayo.

Ngo-2013 uwine iNedbank Cup neCarling Black Label Cup esayibamba kuwona Amakhosi.  KwiSuperSport uwine iMTN 8 ngo-2017 neNedbank Cup ngo-2016/2017.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.