UYeye ujatshuliswa ‘yimpesheni’ nokungasuki ebholeni

UReneilwe Letsholonyane
Sihle Ndlovu

Owayengumdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, ujatshuliswa ukuthi likhona iqhaza asalibamba kunobhutshuzwayo yize esagaxa emgibeni amakhokho akhe.

Uveze lokhu ngesikhathi exoxa neMpempe, Eyadini, eMlaza, lapho kade ekhona nabakwaNedbank njengoba engelinye lamanxusa eNedbank Cup ka-2022.

“Impilo yami ngemuva kokudlala ibhola imnandi kakhulu. Ngikujabulela kakhulu ukuthi khumu kwami ebholeni,” kusho uLetsholonyane.

“Njengoba ubona manje ngiseYadini, ngiyinxusa leNedbank Cup. Ngaphezu kwalokho ngiwumqeqeshi nomqondisi weqembu laseSoweto okuthiwa yiPimville Young Stars.”

ULetsholonyane udlale isikhathi eside kwiChiefs ngaphambi kokudlulela kwiSuperSport United. Ayaziwa namagalelo akhe kwiBafana Bafana adlale kuyona imidlalo engaphezulu kuka-50.

“Into emnandi ukuthi ngisekhona ebholeni futhi ibhola iyonanto engiyithanda kakhulu. Ngisesendaweni engiyithandayo umehluko nje ukuthi manje angisadlali,” kusho lo mdlali.

Uyeke ukudlala ibhola esegijima kwiHighlands Park, egcine iyiTS Galaxy. UYeye ukholwa wukuthi abadlali abasebancane baseNingizimu Afrika banekhono elikhulu kunobhutshuzwayo.

“Kumnandi ukusebenza nabadlali abasebancane njengomqeqeshi futhi ngifunda lukhulu. Ngeke ulokhu ulingabaza ikhono esinalo kunobhutshuzwayo eMzansi.

“Umbuzo omkhulu owokuthi senza okwanele yini laphaya emazingeni aphansi ukucija laba badlali. Okwamanje asikwenzi lokho sidinga ukwenza kangcono ukuze sibe nabadlali abasezingeni eliphezulu kusasa.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.