Uyibona iyinseleli enhle iBritish & Irish Lions u-Everitt weSharks

Uyibona iyinseleli enhle iBritish & Irish Lions u-Everitt weSharks
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IBritish & Irish Lions ifika eNingizimu Afrika kanye kuphela ngemuva kweminyaka elinganiselwa kwewu-12, lapho isuke izodlala uxhaxha lwemidlalo namaqembu elombhoxo akuleli bese evala ngelesizwe, amaBhokobhoko.

Lokhu kuyinto esuke ilindelwe abadlali abaningi bebhola lombhoxo kanjalo nabalandeli balo mdlalo. Nokho kulokhu abalandeli bakuleli, kanjalo nabasuke bevela phesheya, kuzomele bahlanze ngedela ngoba ngeke balubhade ezinkundleni ukuyobuka le midlalo ngenxa yeCoronavirus.

Leli qembu elixube abadlali base-England, Ireland, Wales nabaseScotland, lizotholana phezulu neCell C Sharks emdlalweni wokuzwana amandla, e-Emirates Airlines Stadium, eGoli, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.

Leli qembu selivele lidlalile neLions yakuleli layibhambabula ngo 56-14 ngoMgqibelo. Umqeqeshi weSharks, uSean Everitt, akalishintshanga kakhulu iqembu lakhe kulelo elidlale iCurrie Cup neStormers kodwa kubuye ukaputeni uPhephsi Buthelezi.

“Into ebalulekile ukuthi siye kulo mdlalo sizilungiselele kahle futhi abadlali kumele bazi ukuthi yini ababhekene nayo. Ababaningi abadlali esikwatini sethu (seCurrie Cup) abanamava okudlala umbhoxo womhlaba. Lokho kumbandakanya neSuper Rugby ngakho lena yinselelo enkulu,” kusho u-Everitt.

“Sisadlale imidlalo emibili kuphela kwiCarling Currie Cup kodwa abadlali bethu sebebe ndawonye isikhathi eside, futhi bayibheke ngabomvu le nselelo ababhekene nayo.”

FUNDA NALA: Abayizwa kahle ekaMngonyama abalandeli bePirates 

Ukushaywa kabuhlungu kanje kweLions ngempelasonto, kuchaza ukuthi iSharks kumele igawule ibheke uma isibhekene namaBhububesi aseNyakatho ngoLwesithathu, ngoba nayo ingathelwa ngehlazo.

Ekhempini yamaBhokobhoko kubanjwe umoya njengoba kukhona abadlali asebetholakale beneCoronavirus njengoba iqembu lilungiselela ukubhekana neLions.

Selilonke iqembu leSharks limi kanje:

Abazoqala umdlalo: Khwezi Mona, Fez Mbatha, Khutha Mchunu, Ruben van Heerden, Hyron Andrews, James Venter, Thembelani Bholi, Phephsi Buthelezi, Jaden Hendrikse, Curwin Bosch, Thaakir Abrahams, Marius Law, Jeremy Ward, Werner Kok, Manie Libbok

Ebhentshini: Kerron van Vuuren, Ntuthuko Mchunu, Wiehahn Herbst, JJ van der Mescth, Reniel Hugo, Dylan Richardson, Grant Williams, Anthony Volmink

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *