Uyifunde ezinkundleni zokuxhumana iSimba abazodlala nayo oweChiefs

UNjabulo Blom

OKADONGA GUMBI

Useveze ukuthi usizwe yi-Instagram ukuthola ulwazana ngeSimba SC umdlali weKaizer Chiefs, uNjabulo Blom. Amakhosi azogadulisana neSimba yaseTanzania emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni somkhumulajezi kwiCAF Champions League ngoMgqibelo eFNB Stadium.

“Bayiqembu elihle impela. Ngeke sibathathe kancane. Sizongena enkundleni sizikhandle ngoba kumele siqinisekile ukuthi asingenelwa goli bese sishaya inqwaba,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-21.

“Ngibabonile kwi-Instagram ukuthi bayiqembu elisezingeni eliphezulu futhi baqeqede isigaba samaqoqo beqhwakele kwelabo. Bashaya i-Al Ahly eyiqembu elisatshwayo ebholeni lase-Afrika.

“Ngicabanga ukuthi bayiqembu elithakwe kahle futhi eliqinile. Ngijabule ngokuthi sifikile esigabeni somkhumulajezi futhi ngizimisele ukuzikhandla enkundleni uma nginikiwe ithuba ngoMgqobelo,” kuchaza le nsizwa edabuka eDobsonville.

UBlom ngomunye wabadlali abaqinisa abalandeli beChiefs idolo ngokuthi ikusasa leqembu liqhakazile ngendlela adlala ngayo. Umqeqeshi, uGavin Hunt uncamela yena ngaphezu kukamakadebona uWillard “Boss yaMboka” Katsande kanti akakamphoxi.

Uthe bayaziqhenya ngasebekuzuzile kwazise okokuqala leli qembu laseNaturena lingena esigabeni somkhumulajezi kwiChampions League.

“Bekungelula neze esigabeni samaqoqo ngoba besingbhekani nezitha ezingu-11 enkundleni nje kuphela, kodwa nonompempe bebesicindezela. Yingakho sizigqaja njengeqembu.

“Khona asenzi kahle emidlalweni yasekhaya, kodwa sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wethu (kwiChampions League). Sifuna umphumela omuhle,” kuphetha uBlom.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @Impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.