Uyikhomba kosokhaya iCameroon ingcindezi unozinti we-Egypt

Uyikhomba kosokhaya iCameroon ingcindezi unozinti we-Egypt
UMoh Salah we-Egypt
Alfred Ngubane 

Unozinti weqembu lase-Egypt oyibamba kwiZamalek u-Abou-Gabal uthi bona bengenayo nencane ingcindezi nomdlalo wabo owandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations.

I-Egypt izogadulisana neCameroon engosokhaya kulo mqhudelwano ngoLwesine kusihlwa – umdlalo uqala ngo-9 ebusuku.

FUNDA NALA: Uvuma eyokulinyazwa utshwala uPhumlani Mkhize

U-Abou-Gabal uthi abantu abanengcindezi iyona iCameroon bona baya kulo mdlalo bedinga ukunqoba nje kuphela.

“Mina ngiyabathemba abagadli bethu ukuthi bazokwenza umsebenzi wethu ubelula,” ushe kanje.

Uchoma kufanele ke nokho ngabagadli babo ngoba basezingeni eliphezulu –  laba bagadli ngoMoh Salah noHahmoud Hassan.

Lo nozinti uthole ithuba lokudlala ngesikhathi kulimala uMohamed El-Shennewy bebhekene neqembu laseMorocco.

Lo mdlalo wangoLwesine uzohlukanisa inhloko nesixhanti ngokuthi yiliphi elizoyoshaya owamanqamu neSenegal elindile.

NeCameroon ibukhali phambili njengoba oVincent Aboubaker noToko Ekambi kuyibo abanamagoli amaningi kulo mqhudelwano.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.