Uyishwebe kancane indondo yamagoli uShalulile oshaye amabili emdlalweni wokugcina

Peter Shalulile of Mamelodi Sundowns
UPeter Shalulile
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ubethi uyasisusuluza isicoco sokuba ngumdlali ohamba phambili ngamagoli uPeter Shalulile eshaya amagoli amabili emdlalweni wokugcina weMamelodi Sundowns.

AmaBrazilians ashaye iCape Town City ngo 3-1 kusongwa iDStv Premiership yize beyisivele isidlile isicoco seligi. UShalulile ushaye amagoli amabili amenze waqeda enangu-15.

Cishe ubezitshela ukuthi banamagoli alinganayo noBradley Grobler weSuperSport United, kodwa lo mgadli naye ulishayile igoli bedlala neChippa United, awakhe aba ngu-16.

UGrobler usiwina lesi sicoco nje uke walimala wahlala imidlalo engaphezu kwemihlanu engadlali. Ngesikhathi engekho bahlulekile abanye ukumfica bamedlule.

Uphethe isizini esebuyele efomini yakhe njengoba elishayile igoli nangesikhathi beshaya iMaritzburg United Phakathi neviki. Yize engayiwinanga le ndodo uShalulile, kodwa kumele aziqhenye ngokwenza izimanga kwisizini yakhe yokuqala kuMasandawana.

UShalulile ujoyine iSundowns esuka kwiHighlands Park eyadayisa isitifiketi sayo sePremiership. Kwakukhona ke ababemgabaza ukuthi uzokwazi ukusheshe angene esitayeleni seSundowns.

Lokhu kwakungenxa yokuthi baningi abanye abagadli abaya kwiSundowns bethenjiwe kodwa kwafike kwangabahambela kahle. Kulabo singabala uCuthbeth Malajila noJeremy Brockie.

Kodwa yena ukwazile ukusheshe ajwayele futhi aqhubeke nokuqhulula amagoli. Indlela abe nesizini enhle ngayo ubhekiwe kwabazodla izindodo uma iPSL seyiklomelisa abenze kahle ngeSonto kusihlwa.

Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi uthe uShalulile ukufanelwe ukuthola umklomelo wokuba nguMdlali oVelele. Uwubanga noThemba Zwane noThabiso Kutumela lo mklomelo.

“Uyisosha langempela. Usilwelile futhi waqinisekisa ukuthi ushaya amagoli abalulekile. Sesethemba ukuthi uzothola imiklomelo emikhulu emcimbini wokuvala isizini wePSL ngoba ngikholwa wukuthi wenze kahle kakhulu,” kusho uMngqithi kuleli viki. UShalulile nguyena oqokwe njengomdlali ovelele ezinyangeni uMeyo noJuni.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *