Uyivumile induku beshaywa okokuqala emva konyaka oweSwallows

ULebogang Mokoena weSwallows FC noMlungisi Mbunjana weTS Galaxy

OKADONGA GUMBI

Bese kuphele isikhathi esingunyaka iSwallows FC ingayazi induku emidlaweni yeligi ngesikhathi iTS Galaxy ilitheza phezulu, ibuya ngemizuzu yokugcina ukuwina ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngoLwesibili.

Bekungokokuqala ihlulwa iDube Birds kusukela inyukele esigabeni sePremiership kanti umqeqeshi, uBrandon Truter ukhale ngokunganaki okwenzeke umdlalo usuphela nokuyikho okubaqhathe nenduku.

ISwallows beyihamba phambili ngegoli likaRuzaigh Gamaldien sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele ngesikhathi oLindokuhle Mbatha noBevan Fransman beshaya amagoli ngokulandelana ukuweza iGalaxy.

“Ngicabanga ukuthi umdlalo besiwubambe kahle imizuzu engu-85, kodwa babe sebesicindezela ekugcineni. Kuthe sekusele imizuzu emihlanu baphusha abadlali abahlanu ukuthi bayohlasela.

“Babe sebethola amagoli wabo ngamaphutha amabili esiwenzile,” kuchaza lo mqeqeshi osawubambe kahle umsebenzi wakhe ekubeni kuyisizini yakhe yokuqala esigabeni esiphezulu.

“Kodwa ngiyaziqhenya ngalaba bafana, badlale kahle kakhulu sibhekene neqembu elingakuniki isikhala sokudlala.

“Bahlala endodeni bese kuba nzima ukudlala ngendlela ofisa ngayo, kodwa sizamile ukubhekana nezinseko abebeziphosa kithi kwaze kwaba ngasekugcineni. Angibasoli ngalutho abadlali bami,” kugcizelela uTruter.

“Siyawamukela umphumela, sizoqhubeka nokusebenza ngoba kumanje sesibheke umdlalo olandelayo. Sifuna ukuwukhohlwa ngokushesha lona,” kuqhuba yena.

Ebuzwa ukuthi ngabe lokhu kuhlulwa kungenzeka kususe ingcindezi yokudlala bebheke ukuvikela irekhodi lokungehlulwa, uTruter uthe: “Kungenzeka.
“Sekuphele unyaka wonke sagcina ukuhlulwa ngakho sifuna ukujika izinto emdlalweni olandelayo. Mhlawumbe lona bekungumdlalo wokusikhumbuza ukuthi siyashayeka uma singanaki.”

ISwallows, esiyehlele endaweni yesine kwiligi, izobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila ngeSonto emdlalweni weligi eDobsonville Stadium. ITTM isanda kuzikhipha kwiNedbank Cup Izinyoni.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *