Uyoyishaya kuma-Olympics impempe owodumo lwamakhadi abomvu

UVictor Gomes

OKADONGA GUMBI

Uqokwe njengomunye wonompempe abazodlalisa emidlalweni yebhola kuma-Olympic Games uVictor Gomes odume ngokungananazi ukukhipha ikhadi elibomvu emidlalweni yePremier Soccer League (PSL).

Izindaba zokuqokwa kwakhe zikhishwe yiSafa kuleli sonto, imbongela ngalokhu kuhlabana kwabe okubonakala kuzoliphakamisa igama lezwe ezingeni lamazwe ngamazwe.

“Ukumenywa ukuba ngiyodlalisa kuma-Olympic Games eTokyo yinto enkulu engenza ngizizwe ngibloniphekile. Ngiphakamisa izandla kwiSafa, Caf neFifa ngalokhu kuncoma umsebenzi wami,” kusho uGomes.

“Yimpumelelo enkulu lena kimi, futhi iyangisondeza ekufezeni esinye sezifiso zami. Kuzodingeka ngizikhandle kakhudlwana ke manje ngoba ngizobe ngingazimele mina nomndeni wami nje kuphela, kodwa isizwe sonke nezwekazi lonkana,” kuchaza uGomes.

Ophethe ikomidi elibhekelele ukusebenza konompempe kwiSafa, uNatasha Tsichlas uthe lokhu kuvezwa ukuthi benza kahle onompempe babo.

“Ukukhula kwesibalo sonompempe nabasizi babo ukudlalisa emiqhudelwaneni emikhulu emhlabeni jikelele kukhomba ukuthi siwenza kahle umsebenzi.

“Sinedlanzana lonompempe abasakhuliswa abazobuka le mpumelelo kaGomes bese befunda kuye bafise ukubba njengaye,” kusho uTsichlas.

Imidlalo yama-Olymlics iqala ngoJulayi kanti neqembu lakuleli labafana abaneminyaka engaphansi kuka-23 lizobe kukhona.

Liqahthwe eqoqweni elibukeka linzima nokho njengoba lineFrance ehlome ngoKylian Mbappe, elasekhaya iJapan neMexico kuGroup A.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.