UZakhele Lepasa ulungisa ‘iphutha’ likaRulani ngodaba lukaXoki

UZakhele Lepasa ulungisa ‘iphutha’ likaRulani ngodaba lukaXoki
UZakhele Lepasa noRulani Mokwena

 

URulani Mokwena ukhulume kwesinye seziteshi zemisakazo ngoMsombuluko wakhomba uZakhele Lepasa njengomsusi wothuthuva lwangempelasonto. 

Lolu thuthuva lusuke emdlalweni wamanqamu weCarling Cup phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Kunesigameko esingesihle esaholela ekutheni uRulani, ongumqeqeshi weSundowns, akhombane kabi nomgadli wePirates uKermit Erasmus. 

U-Erasmus wabanjwa esesho ukuzifikela mathupha kuRulani ayemkhomba ubone ukuthi uma eke wafika eduze kwakhe engadedela nenqindi.

Lokhu kwakulandela ukudlala kabi kukaTapelo Xoki owaphula umdlali weSundowns uHashim Domingo umdlalo usanda kuqala. 

URulani uthe into eyamcasula kakhulu eze ethetha nje wukuthi uZakhele Lepasa wamncoma uXoki ngalesi senzo sakhe. 

Nokho lo mgadli osemncane uyakuchitha lokhu, uthi ngamampunge nje. Yena wayeduduza uzakwabo hhayi ukuthi wayemncoma.

“Ngifisa ukuqondisa le nkulumo yokuthi mina ngamncoma uzakwethu uTapelo Xoki ngokukhahlela kabi isitha,” ubhale kanje kwiTwitter uLepasa. 

“Ngasukuma ngenhloso yokumduduza ngoba ngangazi ukuthi lo mdlalo wawubaluleke kangakanani kuye. 

“Ngiyazi imimoya iyaphakama ebholeni ngenxa yemizwa. Kodwa ngiyazi ukuthi ngalokhu akwenza (uXoki) wayengahlosile okubi. 

“Ngifisela uDomingo ukwelula nggokushesha nokuhle kodwa ngekusasa lakhe,” kuphetha lo mgadli. 

FUNDA NALA: UZwane akanagqubu noBroos owamziba kwiBafana

ULepasa nguye owahamba wayokwanga uXoki ngesikhathi eseyosithela ezindlini zokushintshela esekhishwe ngekhadi elibomvu. 

ISundowns yagcina seyibukisa ngeBhakabhaka kulo mdlalo ilishaya ngo 4-0 ukuze iqukule le ndebe iyidlalela okokuqala.

Lamaqembu azophinde akhiphane inkani emdlalweni weDStv Premiership wokuvala unyaka ngoDisemba 31.

Kulindeleke ukuthi kudabuke isikhindi endodeni kulo mdlalo ngoba kuzobe kunegqubu elibi phakathi kwalezi zinkunzi. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *