Uzakhele ugazi uLukaku ngomlayezo wethemba ku-Eriksen

Romelu Lukaku Belgium Eriksen
URomelu Lukaku
UDABA: Mlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

URomelu Lukaku uthumele uzakwabo kwi-Inter Milan, uChristian Eriksen amazwi okumqinisa idolo ngemuva kokusiza iBelgium ishaye iRussia ngo 3-0 emdlalweni wayo wokuvula i-Euro 2020 ngoMgqibelo ebusuku.

U-Eriksen usephapheme esibhedlela njengoba ochwepheshe bezempilo bemxilonga ngemuva kokushayeka kwakhe phansi emdalweni weDenmark neFinland. Lokhu kuthuse cishe wonke umuntu obebuka lo mdlalo njengoba kwenzeke umdlalo usaqhubeka eCopenhagen izolo ebusuku.

ULukaku utshele u-Eriksen ukuthi uyamthanda kwikhamera yethelevishini ngesikhathi ejabulela ukushaya igoli lakhe lokuqala.

Lesi senzo sikaLukaku sihlabe abaningi umxhwele njengoba ebenconywa ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwaso.

UThomas Meunier uvalele phakathi igoli lesibili leBelgium ngesiwombe sokuqala ngaphambi kokuthi uLukaku ahlohle elesithathu umdlalo usuzophela.

Manje amaRed Devils abambene ngamaphuzu amathathu esicongweni seqoqo neFinland egcine inqobe ngo 1-0 kwiDenmark.

IBelgium ihlezi esicongweni okwamanje ngoba inamagoli amaningi kuneFinland, umdlalo wayo olandelayo izowudlala neDenmark ngoLwesine.

IRussia yona isemsileni kuleli qoqo kanti uStanislav Cherchesov uzobheka ukuthi abafana bakhe bavuke bazithathe uma sebebhekene neFinland ngoLwesithathu.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *