Uzehlisile, waxolisa uKhune ongcwabe iChiefs iphila eyidlisela koweligi

Sihle Ndlovu
Uzehlisile, waxolisa waphinde wazinuka amakhwapha ukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ophinde wenza iphutha elidlise iqembu lakhe emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Amakhosi akhale ngaphansi ngo 2-1 kwiSuperSport United emdlalweni obuseLucas Moripe Stadium, ePitoli. UKhune ube yimbangela yokuthi iChiefs igcine idlale ngokulingane ngo 2-2 neBlack Leopards ngoLwesithathu lwangesonto elidlule.
Nayizolo lo nozinti ohlonishwayo ngenxa yamava akhe kunobhutshuzwayo, uphinde wenza iphutha elifana ncamashi ephasela umdlali waMatsatsantsa a Pitoli ibhola, wagcina elibeke phakathi ibhola uBradley Grobler. Elinye igoli leSuperSport lishaywe uSipho Mbule ngesiwombe sesibili. IChiefs ithole igoli lokuvala ihlazo nganyawo lukaLebogang Manyama, nokube yiphenathi, sekuzophela umdlalo.
“Ngizama kakhulu ukuthi sidlale ibhola lisuka emuva kunokuthi siliqumbe phambili. Akukuhle neze ukuthi emidlalweni emibili ngidedele amagoli amabili ngenxa yamaphutha ami. Okubalulekile ukuthi sivuke sizithathe ngoba yithina kuphela esingashintsha isimo njengabadlali beChiefs. Ngiyawavuma amaphutha ami futhi ngiyazi ukuthi empilweni yami yebhola angikaze ngibe nenkinga enjena. Siyaxolisa kakhulu kubathandi baMakhosi, sizozilungisa izinto,” kusho uKhune ngemuva komdlalo ekhuluma kwiSuperSport.
Akwaziwa ukuthi yikuphi okuzokwenziwa umqeqeshi uGavin Hunt njengoba uKhune enze amaphutha imidlalo ilandelana. Nokho kusobala ukuthi yinkulu ingcindezi kubo bonke abaseNaturena. Emidlalweni eyisishiyagalombili edlalwe yiChiefs kuyo yonke imiqhudelwano isakwaze ukuwina wamunye kuphela. Lokhu kuhluleka kwayo ukuwina imidlalo emqoka kuyilahlekesele ngesicoco sePremiership ngesizini edlule, yaphinde yahlazeke kwiMTN 8 lapho ishaywe khona yi-Orlando Pirates ngo 5-0 sekuhlanganiswe imilenze emibili kweyandulela owamanqamu.
IPirates igcine ibe ngompetha beMTN 8 ngemuva kokuqumba phansi iBloemfontein Celtic ngo 2-1 kowamanqamu.