Uzidlele amahlanga uMantengu eshaya uMbumbulwana

U-Innocent Mantengu
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usephinde waba ngumpetha u-Innocent “Tycoon” Mantengu kulandela ukushaya kwakhe uLuthando Mbumbulwana ngoLwesihlanu ebusuku. Bebebanga isicoco seWorld Boxing Association Pan Africa esisindweni seJunior Featherweight.

UMantengu akayiqalanga kahle le mpi njengoba bebembamba ngesibhakela esinzima esihlale ebusweni maphakathi nomzuliswano wesibili. Kubonakalile ukuthi simnembe kambana lesi sibhakela ngoba uke wahlela ezama ukubuyisa kahle umqondo.

Uzamile ukubuya emzuliswaneni wesithathu, naye wayibamba ngezimbalwa izibhakela le mbangi yakhe. Bekucaca ke nokho ukuthi ngamacebo ziyalingana lezi zinsizwa.

Emzuliswaneni wesine bese zingasancengani, sezihlasela zombili lezi zinsizwa. UMantengu ucishe wamnemba ngesibhakela ebesizomkhinyabeza uMbumbulwane ukube sihlalile ebusweni.

Kuthe kifikwa emziliswaneni wesikhombisa bese kubonakala ukuthi bobabili sebefuna ukuqeda ngale mpi kungaze kube kubi. UMantengu ube esesebenzisa ithuba, wamnemba ngentululwane yezibhakela. Uqede umzuliswano esentengezela uMbungulwane.

Emzuliswaneni wesishiyagalombili uMantengu ubesezenzela nje, ezitamuzela ngezibhakela kule mbangi yakhe. Kodwa nayo izamile ngasekupheleni komzuliswano ukubuya.

Uqhubekile nokuzitamuzela uTycoon nangomzuliswano wesishiyagalolunye, futhi bese kucaca ukuthi sekumele ngabe ikhona likaMbumbulwana liyaliphosa ithawula. Uke wamqumba phansi ngasekuqaleni komzuliswano, kodwa wavuka wabuyela khona yize ebesezihudula nje.

Kube yinhlanhla ukuthi umzuliswano uphele esamile uMbumbulwana njengoba ebephela yizibhakela. Mhlawumbe kumele uMantengu asebenze ekuqiniseni amandla esibhakela sakhe ukuze sihlale qede indoda iveze ingqakala.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.