Uzifanise noJesu oxoshwe yiLeopards nomlayezo ongacacile ‘osola’ othile abesondelene naye ngokumkhaphela

OkaDonga Gumbi

Obengumqeqeshi weBlack Leopards, uDylan Kerr usebhale umlayezo oveza ukuthi kukhona abesondelene naye kuleli qembu laseVenda, omjikele esiswini njengotshwala, wayomchaya ubuthaka bakhe kubaphathi.

UKerr udedelwe yiLidoda Duvha ngoMsombuluko ngemuva ‘kokuvumelana ngomoya omuhle’ ukuthi baqede ubudlelwane naleli qembu asebelicija ihlandla lesibili. Azivezwanga izizathu ezenze iqembu nalo mqeqeshi bafika esivumelwaneni sokwehlukana.

Kube sekuqokwa abebengamasekela akhe, oMorgan Shivambu noLehlohonolo Seema bekanye nocija onozinti, uSam Banda njengabazobamba izintambo zokupheka iqembu ngesikhathi kusafunwa umqeqeshi.

“Angiyena umuntu oqine kakhulu okholweni, kodwa ngiyathandaza njalo nabadlali bami ngaphambi kokuba siqale ukuziqeqesha, futhi namuhla ngizizwa ngifana noJesu… UJudas Iscariot, omunye wabafundi bakaJesu abangu-12, wamkhaphela ezitheni zakhe.

“Lokhu kwaholela ekubethelweni esiphambanweni nokufa kukaJesu. Nami ngisazovuka,” ubhale kanje lo mqeqeshi ekhasini lakhe leTwitter ezintatha zangoLwesibili. Ngaphambi kwalokhu, uKerr ubeke wabhala omunye umlayezo othi: “Noma udlula esivunguvungwini, ubophakamisa ikhanda ngokuziqhenya.”

UKerr, ongowaseBritain ngokuzalwa kodwa owaqala ukufika kuleli esengumdlali kudala, ubesenemidlalo engaphansi kweyishumi ebuyele kuLeopards ngaphambi kokuba axoshwe.

Udedelwe ngemuva kokuba iqembu lakhe lehlulekile ukwakhela phezu komphumela omuhle lapho lashaya khona i-Orlando Pirates ngo 2-0. Ukusuka lapho iLidoda Duvha ishaywe ngo 2-0 yiCape Town City, yabuya lapho yazobhaxabulwa yiChippa United ngo 3-0 nokuyimphumela okusolakala ukuthi iyona eyenze abaphathi babona ingekho inqubekela phambili eqenjini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *