UZinnbauer akakabuyi kodwa iPirates ibuyela ejimini

UZinnbauer akakabuyi kodwa iPirates iphinda ejimini
UJosef Zinnbauer

ESIZIZWA NGANDLEBENYE

UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer akakabuyi kuleli yize leli qembu kubhekwe ukuthi libuyele ejimini kuleli viki. Ikusasa likaZinnbauer kwiPirates livele liyinto esematheni kwazise kunabangenelisekile ngendlela iqembu elenze ngayo ngesizini edlule.

Impempe ike yabika phambilini ngokuthi leli qembu lisezinhlelweni zokumkhulula lo mqeqeshi ngoba seyibheke ukuqoka uSteve Komphela kulesi sikhundla. Omunye umqeqeshi oke wasikazwa kwiPirates nguGavin Hunt osanda kuxoshwa yiKaizer Chiefs.

IPirates seyivele iqoke uMandla Ncikazi ukuzoqinisa ithimba layo labaqeqeshi. Lokhu kwaqinisa izinsolo zokuthi kuzoqashwa uKomphela esikhundleni ebesiphethwe uZinnbauer.

Angithi uKomphela noNcikazi bebesebenza ndawonye kwiGolden Arrows ngaphambi kokuthi alandwe yiMamelodi Sundowns. Impempe iphinde yathla ukuthi uKomphela noNcikazi bake bahlangana ngemuva kokuqashwa kukaNcikazi kwiPirates.

Nokho kubuye kwavela ukuthi into engaba yinkinga wukuthi uKomphela unenkontileka eqinile kwiSundowns. Futhi kunesizumbulu esikhulu iPirates okungadingeka isikhokhe ngaphambi kokumthola.

Kuke kwavela nokuthi usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza usaxoxisana nabeSundowns ngokuba bamkhulule ngaphandle kokuthi kuze kukhokhwe.

Okunye okuvelile wukuthi uKomphela usephendlelwa esinye isikhundla kwiSundowns. Kwathiwa bafuna ukumenza umphathi wethiba labaqeqeshi nezinkulisa zeqembu.

Lokhu kungenza kube nzinyana kakhudlwana kwiPirates ukuba igcine imtholile lo mqeqeshi. Kodwa njengoba kuvela ukuthi uZinnbauer engakabuyi nje, lokhu kungenzeka kusho khona ukuthi kuzoba noshintsho ebhenthcini lePirates.

FUNDA NALA: Lukhulu olufihliwe kule mbango weMandela Marathon

“Ubengakabuyi umqeqeshi kodwa angazi kwenzakalani. Kungenzeka wacela isikhathi esithe xaxa kwazise ekupheleni kwesizini edlule akakwazanga ukuya ekhaya.

“Empeleni nje kusukela aqashwa yiPirates akabanga naso isikhathi esanele sokuya ekhaya. Nangesikhathi elinyalelwe yindodana yakhe engozini yemoto wathi qu nje wabuya,” kusho umthombo osondelene naleli qembu.

IPirates izoqala ukuzicija kuleli sonto nje inomdlalo weCarling Black Label Cup la izobhekana khona neKaizer Chiefs ngo-Agasti 1 e-Orlando Stadium. Kuzobe sekuthi esikhathi esiyisonto ukusuka lapho kuqale isizini entsha la iyovula khona ngeSwallows FC kwiMTN8.

IPirates iyona engompetha bale ndebe njengoba iyidle ngesizini edlule. Yayiqale ngegiya elihle nelalithembisa ukuthi kuningi engase ikuzuze kodwa yagcina ngayo. Igcine ilale endaweni yesithathu kwiDStv Premiership. Udaba oluqhubekayo lolu kanti sizolokhu silulandelela sikulethela okusha okwenzekayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.