UZinnbauer ubazi kahle ubungozi obuza neSwallows

Sihle Ndlovu

Sekuphele isikhathi eside abalandeli bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika bagcina ukubona umdlalo wabakhaya omkhulu, nomdala kunayo yonke yabakhaya eNingizimu Afrika.

Lokhu kudalwa ukuthi iSwallows FC ezobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngeSonto ntambama, ike yanyamalala esigabeni esiphezulu izikhathi eside. IZinyoni zibuye kule sizini kwiPremiership, kanti zibukeka zindizela phezulu njengoba zizovakashe iBucs e-Orlando Stadium.

EzikaBrandon Truter zisendaweni yesibili kwi-log yePremiership futhi azikashaywa selokhu kuqale imidlalo yeligi. Lokhu kwenza umdlalo wangoMgqibelo ubhekwe ngabomvu.

Ngakolunye uhlangothi iBucs ezokwamukela iZinyoni nayo idlala kahle selokhu kuqale isizini. Ikukhombisile ukuthi ayifune kusinisa mahleza kule sizini ngesikhathi ikhala yemuka nendebe yeMTN 8.

IPirates isuka emdlalweni obunzima wePremiership lapho ibhuquziswe izimbangi zayo ezinkulu iMamelodi Sundowns ngo 1-0 ngeledlule.

Nokho umqeqeshi weBucs uJosef Zinnbauer unendaba kakhulu namaphuzu kulo mdlalo, hhayi ukuthi ungowabakhaya.

“Wumdlalo wabakhaya impela kodwa esikufunayo thina amaphuzu amathathu. Umdlalo obalulekile kubalandeli ngoba owabakhaya kodwa kithina umdlalo wasekhaya futhi siyazi umdlalo wasekhaya ubalulekile ngoba kumele silwele amaphuzu amathathu.

“Njengomqeqeshi kumele ubeke umqondo wakho kumaphuzu amathathu. ISwallows ingelinye lamaqembu aphezulu kwiligi njengamanje. Kunzima kakhulu ukudlala nayo njengamanje. Badlala ngendlela ehlukile futhi bayingozi uma uzokwenza amaphutha endaweni ebucayi. Ngicabanga ukuthi sebethole amaphenathi ayisithupha manje emidlalweni eyisishiyabalolunye. Lokhu kuchaza ukuthi bayahlasela kakhulu,” kusho uZinnbauer.

IPirates izoya kulo mdlalo ngaphandle komdlali wayo obukhali uVincent Pule, ozobe edonsa isigwebo samakhadi. Ngakolunye uhlangothi nakwiSwallows uzobe engekho uZaphania Mbokoma naye odonsa isigwebo samakhadi.

Ukuwina kweSwallows ngeSonto kungase kuyikhuphulele esicongweni uma iyivuma eminye imiphumela yePremiership yangempelasonto.