UZinnbauer ushaywe yiSwallows wakhumbula ekhaya wasula kwiPirates

UZinnbauer ushaywe yiSwallows wakhumbula ekhaya wasula kwiPirates
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usevele wavalelisa, wakhala ngokuthi sesiside isikhathi engasawazi umndeni wakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer wabe esesula kulesi sikhundla.

UZinnbauer usula nje iPirates iphoxe ngendlela engachazeki idlala inhlakanhlaka yebhola ngesikhathi ihlulwa yiSwallows FC ngo 2-1 kwiMTN8 ngempelasonto.

UZinnbauer uthe uyalibonga ithuba alinikiwe kuleli qembu asehlale kulo iminyaka emibili. Uwine indebe yeMTN8 ngesizini edlule.

“Ngifisa ukubonga usohlalo nethimba eliphethe iqembi ngethuba abanginike lona,” kusho uZinnbauer. Ngebhadi, isikhathi sami lapha eqenjini sesiphelile.

“Ngikujabulelile ukuba lapha kulesi sikhathi bengikhona futhi ngifisa ukudlulisa ukubonga okusuka enhliziyweni nakubalandeli.

“Ngihlale lapha iminyaka emibili ngikude nomndeni wami ngakho ngalesi sizathu nginqume ukuba ngifake incwadi yokusula. Ngifisela iqembu nabalandeli impumelelo.”

Kuzokhumbuleka ukuthi uZinnbauer uke wagulelwa yindodana yakhe eyalimala engozini yemoto yaquleka. Wathi qu ekhaya washeshe wabuya ngaleso sikhathi.

Ngaphambi kokuba kuqale isizini, bekunezinkulumo zokuthi uZinnbauer uzoxishwa kuleli qembu. Zaqina kakhulu lezi zinsolo sekuqashe uMandla Ncikazi.

FUNDA NALA: ITTM ingase igijime kwiDStv Premiership kule sizini

Kwavela ukuthi kulungiselelwa ukuthi iPirates ilande uSteve Komphela ukuba azoyiqeqesha. Nokho kwavela ukuthi kunzima ukuthola uKomphela ngenxa yokuthi inkontileka yakhe kwiMamelodi Sundons inemibandlela enzima.

Iqembu elimfunayo kungamele likhokhe imali ebalelwa kuR24-million ukuze akhululwe kule nkontileka yakhe.

Impempe yake yabika usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza usazoxoxisana kahle nabaphathi beSundowns ukuthola indlela yokudedela uKomphela.

Kulindeleke ukuthi iPirates imemezele maduze nje okungase kwenzeke kodwa kungase kunikwe uNcikazi noFadlu Davids ithuba kusafunwa omunye umqeqeshi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.