UZinnbauer uyayethemba iPirates ukuthi izoyiqwala intaba ezakhele yona kwiCAF

UJosef Zinnbauer
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Mhlawumbe uyaphupha, kodwa yibhola leli liyagingqika. Lena yiyona ndlela engcono yokubuka inkulumo yomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer. Uthi ezakhe zisangafike ziyiqumbe phansi ingakubo iRaja Casablanca okuyinto ezihluleke ukuyenza zisekhaya ngempelasonto edlule.

IPirates ibambane naleli qembu laseMorocco ngo 1-1 emdlalweni womkhumulajezi kwiCAF Confederation Cup e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama. EzikaZinnbauer zaya ekhefini zihamba phambili kodwa zayeka iRaja yabuya ngesiwombe sesibili.

Indlela okwakubalulele ngayo ukuthi iBucs ingangenelwa goli ekhaya yabonakala ngendlela adineka ngayo uZinnbauer ngesikhathi ikora iRaja. Lo mqeqeshi odabuka eGermany ohlezi ezimoyizelela, wacasuka wakhipha izibuko wazitshinga ngemuva kwegoli.

“Ebholeni kungenzeka noma yini (ungawina, ungahlulwa noma udlale ngokulingana). Thina siyaye sithande ukuwina ekhaya, kusobala, akumele ingenelwe yigoli ekhaya,” usho kanje uZinnbauer ngemuva komdlalo.

Ukuvumile nokuthi ukungenelwa yigoli bese bedlala ngokulingana besekhaya kubeka iRaja endaweni engcono njengoba sekuyiwa emdlalweni womlenze wesibili ngakubo.

“Umdlalo sewusinda ngakithi, bakorile. Kodwa ke akuphelile, kusengenzeka noma yini. Nathi ngingawashaya amagoli, futhi uma ukwenza (ekuhambeni) lokho kube sekusinga esitheni sakho ngoba kusho ukuthi sona kumele sikwedlule ngamagoli,” kuchaza uZinnbauer.

Kwale kancane avume ukuthi iRaja ibamangazile ngokungahlali emuva emdlalweni womlenze wokuqala. Uma ubuka lo mdlalo ungazi ukuthi yiliphi iqembu elisekhaya nelisekuhambeni, kwakungaduma upotiyane uma kuthiwa khomba elokuhamba.

IRaja yayizifikela qathatha kwiBucs, ingafuni ukuhlala emuva iyinike ithuba. Lokhu kwayisebenzela ngoba yahamba itshethe igoli elibalulekile lasekuhambeni.

Manje izinto sezivuna yona ngoba osekumele ikwenze wukuthi iqinisekise ukuthi ayingenelwa goli, kobe sekuphelile. Uma umdlalo iphela zibambene ngo 0-0, kodlula yona iRaja ngegoli lasekuhambeni. iPIrates kumele iwine noma idlale ngokulingana kube namagoli angaphezu kwelilodwa ukuze idlule.

“IRaja beyifana nje nathi. Bekuwumdlalo omuhle osezingeni eliphezulu. Kimi, iqembu lami lisebenze kahle. NeRaja ngokunjalo. Womabili amaqembu ayehlasela efuna igoli.

“Mina ngibona kuzophinde kuhlangane amaqembu amabili asezingeni eliphezulu ngeSonto. Sesiwubheke ngabomvu lo mdlalo. Siyazi siyodlala enkundleni evulelekile, sizozilungiselela lokho,” kusho uZinnbauer.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.