Uzishaya isifuba ngabadlali beSundowns uMngqithi

UManqoba Mngqithi weMamelodi Sundowns

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uzishaya isifuba uManqoba “TV” Mngqithi ngabadlali bakhe kwiMamelodi Sundowns abangazange badikibale yize unondweba ebaphikele igoli elisobala.

ISundowns iqinisekise indawo yayo esicongweni kuGroup B kwiCAF Champions League ngesikhathi inqoba umdlalo wayo wesithathu ngo 2-1 okuyenze yaqhubeka nokuqhwakela kuleli qoqo ngoMgqibelo.

Kube amagoli oPeter Shalulile nesingqazu se-freekick kaLyle Lakay ayidumise enenthini esikhathini sikanondweba. URicardo Nascimento ukhishwe ngekhadi elibomvu.

Ukunqoba kwiTP Mazembe, eLubumbashi akuyona into ejwayelekile emaqenjini ase-Afrika futhi lokhu kwenza uMngqithi azizwe ehloniphekile futhi enenhlanhla ngabadlali anabo.

IMazembe ingelinye lamaqembu ashatshwayo e-Afrika futhi inomlando omuhle wokunqoba kumnyama kubomvu uma idlalela ekhaya.

Ngendlela okujwayele ukwenzeka ngayo ungafunga ukuthi nonondweba sebeyakwazi lokhu okuyinto ejwayele ukuqeda ukuzethemba emaqenjini amaningi uma ebhekene neTP Mazembe eLubumbashi.

Ngomzuzu ka-38 walo mdlalo uThemba Zwane ushaye phakathi igoli ngokukaMngqithi kodwa laphikwa. Unozinti weMazembe ulilande seliweqile umugqa ibhola likaZwane.

“Namanje anginalo ulwazi lokuthi kungani liphikiwe leliya goli kodwa ngijatshuliswa yindlela abadlali bami abasukume ngayo ngemuva kwalo.

“Ukube elinye iqembu leli belizokufaka ekhanda lokhu kodwa iSundowns ivele yaqala phansi kwangathi iyona edlalela ekhaya.

“Ngiyakholwa futhi ukuthi maningi amanye amagoli obekumele siwashaye kulo mdlalo,” kusho uMngqithi oseshayele iSundowns ingehlulwa emidlalweni engu-23 yemiqhudelwano eyahlukene.

Lo mqeqeshi ukujabulele nokuthi lo mdlalo ugijinywe ngaphandle kwezibukeli ngoba nazo zinowazo umthelela emiphumeleni yeMazembe.

“Ukube bekugcwele ngale ndlela okujwayelee ukwenzeka ngayo bekungakhulunywa okunye. Angisho ukuthi lokhu kube nomtheela otheni kodwa ngiyazi ukuthi kwenzani kubadlali basekhaya uma inkundla ichichima.

“Ngeke ngithi sisindile kulokhu ngoba mhlawumbe nathi bekuzifakela umfutho kodwa sinqobe kusifanele.

“Size kulo mdlalo sazi kahle ukuthi sibekene nani futhi ukuzethemba kwethu bekuphezulu kakhulu. Kunezinto ebeziyinkinga kubadlali kodwa bakumela lokho. Seluqine ngokwanele ukhakhayi,” kusonga lo mqeqeshi obeyingxenye yeDowns idla lesi sicoco ngo-2016.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.