Uzishaya isifuba uTruter ngabadlali bakhe abalwa ngisho ejimini

Umqeqeshi weMoroka Swallows, uBrandon Truter ozishaya isifuba ngabadlali bakhe abangalilahli ithemba noma sebelandela ngemuva

MTHOKOZISI MNCUSENI

Umqeqeshi weMoroka Swallows, uBrandon Truter uthi kwesinye kuze kudingeke ahline, alamule ngendlela abasuke sebeqinisa ngayo abadlali bakhe ngisho ejimini ngoba akekho kubo ofuna ukwehlulwa.

“Kwesinye isikhathi ngize ngiqinise ubuso ngibakhuze abadlali bami ejimini ngendlela bonke abangafuni ngayo ukuhlulwa baze balimazane,” kusho uTruter obephawula ngemuva kokubamba iSuperSport United ngo 1-1 kwiDStv Premiership ngoMgqibelo.

Lo mqeqeshi uphawula kanjena nje, yingoba ubebuzwe ukuthi yini le achatha ngayo abadlali okwenza bangafuni nangengozi ukwehlulwa.

ISwallows ayiyazi induku kusukela ifikile esigabeni esikhulu futhi imiphumela yayo yakamuva ikhombisa ukuthi ingenza okukhulu uma izoqhubeka nale nkani eyikhombisa njalo uma sekunzima.

Leli qembu elidle umhlanganiso kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule selinqabe namaphuzu kwi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns nakwiSuperSport njengoba nakhona ibuye seliyoshona yona umcimbi ngegoli.

“Nginabadlali abakwaziyo ukuwina izinto. Eqenjini lami kukhona oVuyo (Mere), Cheeseboy (Lebohang Mokoena), Wandisile (Letlabika) Vries (Vigril) noThabo (Matlaba).

“Ayikho ngami le nto. Bonke laba badlali sebeke bakuwina okuthile manje bajovekile ukuphinda baqukule. Ngendlela abangafuni ngayo ukuhlulwa ngisho ejimini bagcina sebelimazana kuze kuphoqe ukuthi ngingenelele ngibaqinisele ubuso ngibakhuze,” usho kanje lo mqeqeshi.

Yize engafuni ukuyikhuluma eyesicoco kodwa ukuqoqa amaphuzu kumbe ukungehlulwa amaqembu athathwa njengamakhulu kumenza awubone umvuzo wokusebenza ngokuzikhandla.

“Ukungehlulwa emidlalweni abaningi abebezitshela ukuthi sizoshaywa kuyo yikhona okungibusisayo ngoba kugqamisa ukusebenza nokubumbana kwethu.

“Wonke amaqembu athathwa njengamakhulu sithole okuthile kuwona kuyithina futhi esivakashile. Lokhu kwehla kahle.

“Indlela esiwashaya ngayo ekugcineni amagoli iyangikhombisa ukuthi ukuzikhandla kwethu akuzona izithukuthuku zenja,” usho kanje lo mqeqeshi obese edlala okwesithathu kulandelana engashaywa kodwa futhi engawini.

Mayelana nomdlalo weSuperSport nakhona uyaziqhenya ngabafana bakhe ngoba baphuce iqembu elinzima amaphuzu.

“Bekunzima impela kodwa sisaligcinile irekhodi lethu lokungehlulwa. Konke ebesikuzama bebenezimpendulo kodwa salwa kwagcina kulungile,” kusonga lo mqeqeshi ozishaya isifuba ngabadlali bakhe.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.