Uzisusele iziqandu uJosephs waMaZulu egcona uMngqithi noMokwena

Josephs Mngqithi Mokwena
UMoeneeb Josephs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Iphini lomqeqeshi kuMaZulu FC, uMoeneeb Josephs uzisusele iziqandu qede zamntinyela kwiTwitter engcofa abaqeqeshi beMamelodi Sundowns abancishwe umklomelo wePSL.

OManqoba Mngqithi noRulani Mokwena bancishiwe umklomelo woMqeqeshi oVelele wanikwa uBenni McCarthy woSuthu. Lokhu kususe izinkulumo nezimpikiswano eziningi abalandeli bebuza ukuthi kanti uqokwa ngaliphi umqeqeshi ovelele.

Bekuvamise ukuthi le ndondo inikwe umqeqeshi osuke enqobe isicoco seligi njengoba kwenze uMngqithi noRulani. UJosephs ubhale kwiTwitter engcofa laba baqeqeshi.

“Mhlawumbe ngonyaka ozayo bazowufaka nomklomelo waBaqeqeshi abaVelele,” ubhale kanje uSlimkat, okuyigama ayebizwa ngalo esadlala lo mqeqeshi wonozinti.

Uphinde wafaka nesithombe sikaMcCarthy wasiphelezela ngombhalo othi: “UMqeqeshi wonyaka. Kuphelela lapho.” UMukalaha Vh-Naledzani uphendulile wathi: “Kuhlezi kuyilaba abangenamazinyo.”

Akazibekanga ke phansi uJosephs, waziphendulela: “Lokhu kushiwo umuntu onekhanda elikhulu kodwa elingenangqondo… kudlaliwe ngalesi sikhala esihle kangaka kule ntamo.”

UThemba Mhlophe naye uphendulile: “Akukhona ukuziphatha okuhle lokhu okwenziwa nguMoeneeb. Ngibona uzosheshe umphelele umsebenzi wokuqeqesha lona. Uyaphapha.

Naye uphenduliwe: “Njengoba usakhuluma kanjalo nje, awusale sewungibonela nezinombolo zeLotto,” kusho uJosephs.

Omunye ozibiza ngoMr GT yena ufake noSuthu kule ngxoxo, ebuza ukuthi ngabe liyakuthanda yini ukuphawula okunjena komunye wabo. “Ngabe lena yindlela yokuziphatha enifuna iqembu laziwe ngayo lena? Ngabe lokhu kuveza izinseko zenu njengeqembu? Ukukhuluma kabi ngabanye abaqeqeshi? Ngiyazi umsebenzi wakhe wokuqala njengomqeqeshi lona kodwa ngabe niyahambisana nale Ndlela yokuziphatha.”

AmaZulu abengakaphenduli ngalokhu. Nokho mhlawumbe uJosephs ubezidlalela njengoba aziwa ukuthi ungumuntu wamancoko. Kodwa abanye bamkhuzile bathi akakuyekele kubalandeli ukungcofana okufana nalokhu.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.