‘UZlatan nokucwasa… Ihlaya phela lelo,’ kusho uPogba weManchester United

UZlatan Ibrahimovic we-AC Milan noRomelu Lukaku we-Inter Milan ngesikhathi befuna ukubambana ngezandla emdlalweni weCoppa Italia

OKADONGA GUMBI

Ukuhilizisana okugcine sebechaphana nangezinhlamba kukaZlatan Ibrahimovic noRomelu Lukaku emdlalweni weCoppa Italia obuseSan Siro phakathi kwe-Inter Milan ne-AC Milan ngoLwesibili, sekuholele ekutheni u-Ibrahimovic anukwe ngokucwasa ngokwebala.

Lezi zinsizwa bezisho ukuhluthuthulana ngequpha, zabe sezigcina ngokuthukana. Le ngaxabano isuke ngemuva kokuthi uLukaku ekhalazele ukudlaliswa kwakhe kabi.

U-Ibrahimovic kuthiwa ube esemhleka, kwabe isukile. ULukaku umtshele ukuthi akayeke lento ayenzayo, u-Ibrahimovic waphendula ngokumcela iqhude.

Ngesikhathi bethukana, kwezwakala uLukaku esefaka nomfazi ka-Ibrahimovic futhi ekhala ngokuthi leli qhalaqhala laseSweden lithuke unina. Ozakwabo bagcina bekwazile ukubalamula.

Nokho impi yabo ayiphelelanga lapho njengoba iqhubekile phakathi kwabalandeli ezinkundleni zokuxhumana la kugcine sekusolwa u-Ibrahimovic ngokuthi ucwasa ngokwebala.

Kodwa umdlali weManchester United, uPaul Pogba – owadlala nabo bobabili laba bagadli kwiRed Devils – usephumele obala wavikela u-Ibrahimovic kulezi zinsolo.

“UZlatan nokucwasa ngebala… Ungithanda kakhulu kabi lowo ngakho ungumuntu wokugcina engingamcabangela into enjalo! Kahleni, musani ukudlala ngento enje,” ubhale kanje lo mdlali waseFrance kuTwitter wakhe.

Naye u-Ibrahimovic ubhalile kuTwitter wakhe ethi akanaso isikhathi sokucwasa yena ngoba ubona wonke umuntu efana. “Emhlabeni kaZlatan, ayikho indawo yabacwasa ngokwebala. Sonke singabantu – sonke siyalingana. Sonke singabadlali kodwa abanye bangcono kunabanye.”

NoLukaku wake wakuveza kwenye ingxoxo aba nephephandaba lase-Italy, iFootball Italia, wakhombisa ukumthanda nokumhlonipha u-Ibrahimovic.

“U-Ibra yiqhawe, ngiyamhlonipha. KwiManchester ngangizilolonga naye njalo, lokho kwakuyinto enkulu kimi. Ngizokujabulela ukubhekana naye,” washo kanje uLukaku ngesikhathi esanda kusayina kwi-Inter.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.