UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter
UZlatan Ibrahimovic uthi akayidingi iBallon d’Or ukuze azibonakalise ukuthi ungumdlali ohamba phambili emhlabeni.
U-Ibrahimovic usenqobe izicoco zeligi ne-Ajax, Inter Milan, Barcelona, AC Milan, Paris Saint-Germain neManchester United kodwa lomgadli waseSweeden akaze ayithole iBallon d’Or.
Lo makadebona ebona oseneminyaka engu-40 manje usaqhubeka nokugila izimanga kwiMilan njengoba eseyidlalela okwesibili.
AmaRossoneri afuna ukuwina iScudetto agcina ukusithola ngesikhathi u-Ibrahimovic eqhulula inqwaba yamagoli ngo-2010-11.
Ophethe izindaba zika-Ibrahimovic uMino Raiola uthi iBallon d’Or ayisho lutho kuyena ngoba akaze ayinikwe uZlatan yize kade wakhombisa wonke umuntu ukuthi ungumgadli onohlonze nezinamba zimfakazela.
Kodwa ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni incwadi entsha ka-Ibrahimovic esihloko sithi “Adrenaline” eMilan ngeSonto uZlatan ucashunwe ethi”iBallon d’Or indodo ebalulekile, kodwa angiyidingi ukuze ngizibonakalise ukuthi ngingumdlali onohlonze.”
Lo mcimbi wenziwe ngemuva kokuthi uZlatan Ibrahimovic eshaye igoli lakhe lika-300 kumaligi amahlanu aphambili e-Europe ngoMngqibelo ngesikhathi iMilan idlala ngokulingana ngo1-1 ne-Udinese.
UCristiano Ronaldo noLionel Messi kuphela e-Europe abanamagoli angaphezulu kunawaZlatan Ibrahimovic.
“Konke kusekhanda. Ngiziqeqesha ngendlela efanayo nengidlala ngayo,” usho kanje uZlatan echaza ngokudlala kwakhe ibhola elikhokhelayo isikhathi eside.
FUNDA NALA: “Bazomdlisa ngezembe lo,” kusho isikhulu seSwallows ngoSukazi
“Wonke umdlalo kimina ufana nomdlalo wamanqamu. Bekunzima ngesikhathi ngifika lapha eMilan, kodwa sikwazile ukwakha iqembu eliqinile nomoya wempumelelo.
“Igciwane eliwubhubhane iCovid-19 lisiphazamisile, kodwa abasebenzi lapha basezingeni eliphezulu, sengidlalele amaqembu amaningi kodwa akafani neMilan, kumnandi lapha.
“Wonke umuntu lapha ufuna ukuzuza okufanayo. Ngeshwa asikwazanga ukuwina izolo bekufanele ngishaye amagoli amabili.”