Uzobatshela kwezikabhoqo abadlali bakhe ngokungalaleli uMalesela weChippa

U-Anthony Laffor noMokhele Maloisane beChippa United

OKADONGA GUMBI
Usale engagculisekile umqeqeshi weChippa United, uDan Malesela yize beguqise iRichards Bay ngo 2-1, futhi badlulela kweyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.
UMalesela ukhala ngokuthi basazoqhubeka nokulahla imidlalo elula uma izinto zingajiki futhi abadlali bengayilandeli ngokuphelele imiyalelo yakhe.
“Sibhedile… umdlalo obekumele ube lula siwenze wanzima ngenxa yokuhluleka wukwenza izinto ezilula,” usho kanje uMalesela ngemuva komdlalo.
“Nokho akumele ngibheke okubi ngoba okubalulekile ukuthi siwinile. Ngijabule ukuthi sikwazile ukushaya amagoli amabili, nginethemba lokuthi sizoqhubekela phambili ukusuka lapha.”
Nokho ubuye wakuveza ukunengeka kwakhe, ethi kunezinto eziningi okumele bazikhulume njengeqembu.
“Kuningi esikufundile namuhla, okunye kwakho ngeke ngikukhulume esidlangalaleni. Kodwa kukhona okumele sibhekane nakho eqenjini…
“Kumele ngibatshele abadlali ukuthi uma bengalaleli, izinto zizobheda kodwa uma belalela, kuzolunga.
“Singenelwe yigoli ebelingafanele ngoba abalaleli, okuyinto engalungile neze,” kuchaza uMalesela.
Okumjabulisile nokho wukuthi umdlali wakhe athi uhlezi ezikhandla futhi ezimisele, u-Anthony Laffor ukwazile ukushaya igoli.
Nguye lo mdlali waseLiberia ovule inkundla ngomzuzu wesihlanu enamathisela enethini ibhola elibe yihewa kwazise uliphiwe yisitobha seNatal Rich Boys ebesithi siliphasela unozinti.
“U-Anthony ungumuntu ohlale ebheke okuhle empilweni kanti uma unjalo izinto ezinhle ziyakujwayela. Uhlezi egqugquzela ozakwabo, ngijabule ukuthi ushaye igoli. Cishe ubengawathola namanye kodwa angifuni ukugxila kulokho kungaze kubukeke sengathi angineliseki.
“Kumele wamukele lokho abakunike khona abadlali futhi manje sesingene kweyandulela owamanqamu okuyikhona obekubalulekile,” kusho uMalesela.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.