Uzodlala okokugcina umqeqeshi weChippa uKurt Lentjies koweGalaxy

Uzodlala okokugcina umqeqeshi weChippa uKurt Lentjies koweGalaxy
UKurt Lentjies
OkaDonga Gumbi 

Uzokwenza into engajwayelekile futhi cishe okuzobe kungokokuqala yenzeka uKurt Lentjies ongumqeqeshi weChippa United ngokungena enkundleni azibambele.

Kwakuvamisile ngezikhathi zakudala ukuthi kube nomdlali obuye abe ngumqeqeshi njengoba kwenzeka ngoKaizer Motaung noJomo Sono besanda kusungula amaqembu abo.

Nokho kulezi zikhathizamanje akusavamile. UKurt uthe yena uzongena enkundleni adlale imizuzu angu-27 bese eyaphuma aqhubeke nomsebenzi wokuqeqesha emdlalweni wabo wokugcina kwiDStv Premiership.

“Kuzokwenzeka ngokwesithembise esenziwa usihlalo weqembu (uSiviwe Mpengesi) ngemuva kokuba ngidlale umdlalo wokugcina sibhekene neMaritzburg United.

“Ngizongena enkundleni ngidlale imizuzu engu-27 (okuyinombolo ayigqokayo kuleli qembu) ngoba kuzobe kuwumdlalo wami wokugcina ngivalelisa ekudlaleni,” kusho uLentjies.

“Ngizodlala imizuzu angu-27 bese ngiyaphuma ngiqhubeke nokuqeqesha. Sasivumelene ngalokho nosihlalo.

“Ngathola ithuba lokuphuma ekudlaleni ngingene ekuqeqesheni maphakathi nesizini. Leli thuba lalo msebenzi lavela laqhamuka nje esikhaleni.

“UMdali wangibusisa ngethuba lokuqeqesha. Kwadingeka nginqume ukuthi ngiwabeka ethala amakhoko bese ngiqeqesha laba bafana, okuyinto engiyithokozelayo.

FUNDA NALA: IChiefs igcine igobile, yalivuma icala lokudikila imidlalo

“Ngijabule futhi okubaluleke kakhulu wukuthi sikwazile ukuvika izembe ngakho sesizoqala silungiselele isizini ezayo,” kuchaza yena.

ULentjies wangena esikhaleni sikaGavin Hunt owaxoshwa kwiChippa kulandela ukungacaci kwemiphumela.

Ufike wenza umsebenzi omuhle njengoba neqembu likwazile ukuvika izembe lisasalelwe wumdlalo owodwa.

IChippa izogadulisana neTS Galaxy eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama emdlalweni wayo wokuvala isizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *