Uzodonsa ithimba lakhe aye nayo eQatar uRulani Mokwena

Uzodonsa ithimba lakhe aye nayo eQatar uRulani Mokwena
URulani Mokwena weMamelodi Sundowns

 

URulani Mokwena uzothatha lonke ithimba lakhe kwiMamelodi Sundowns aye nalo eNdebeni yoMhlaba eQatar ngoba kukhona abangakufuna kule midlalo. 

Uthi yikule midlalo la beboba khona izindlela ezintsha zokudlala yingakho efuna babe seduze, bazibonele ngokwabo abangakuthatha babuye nakho.

“Kuzoba wumqhudelwano onokuningi okuhehayo njengoba sibheke ukubona ukuthi amaqembu azokwenza njani uma ecindezela noma ehlasela ngokuzuma,” kusho uMokwena kwaSABCSport.

URulani uthi amaqembu amaningi azobe esebenzisa indlela yokudlala yokugadla ngababili nokuyinto ayibheke ngabomvu. 

“Kudala, bekukhona uDwight Yoke no-Andrew Cole kanti kulokhu kuzobona iningi lamaqembu lidlala ngabagadli ababibili abamayo phambili. 

“Yilezi zinto ezimbili ozozibona kule Ndebe yoMhlaba,” kwengeza uRulani Mokwena. 

UYoke noCole babedlala ndawonye kwiManchester United futhi babeyingozi eyisimanga ngaphansi kukaSir Alex Ferguson. 

URulani uphinde waveza ukuthi abadlali beSundowns bazonikwa ikhefu elide ukuze babuye sebeyimiqemane ukuzoqhubeka nemidlalo yeligi ngoDisemba.

“Abadlali sibanike ikhefu lamaviki ambalwa ngoba vele libafanele. Benze umsebenzi omuhle kakhulu. 

“Yingakho sibanike amaviki amabili ukuthi babe nemindeni yabo. Abanye sebevele bahambile ukuya emakhaya njengoMarcelo Allende oseSouth America. 

FUNDA NALA: UChicco uphikela ababesendlini ngoubulawa kukaSenzo Meyiwa

“UNassir naye useable use-Ethiopia kanti nabanye bayalandela maduze nje. Kukhona nabazosala. 

“Abazosala kwenziwa wukuthi kunezinhlelo ezenzelwe bona zokubacija ukuze babe sezingeni elifanayo nozakwabo.” 

Uthi kukhona nezinhlelo zokuba nekhempu phesheya kwezilwandle ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeligi. 

“Kunamathuba amaningi okuthi sithathe uhambo lwaphesheya noma ikhempu emfishane. Wonke umdlali unohlelo lwakhe okumele alulandele. 

“Kunabadlali abazosebenza nabaqeqeshi ababalolonga isimo sokuba fithi. Wonke umutnu unohlelo lwakhe, kungaba okukumenza abe sezingeni olokumgcina esezingeni.” 

– Intatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *