Uzogijinywa nayizikhulu umjaho wokuhlonipha uShabalala weMambazo

Uzogijinywa nayizikhulu umjaho wokuhlonipha uShabalala weMambazo
UJoseph "Mshengu" Shabalala ongumsunguli weLadysmith Black Mambazo
Alfred Ngubane

Sekusungulwe umjaho wokusubatha okuzohlonishwa ngawo inkakha yomculo kuleli eyayidume umhlaba wonke uJoseph Shabalala owayehola iLadysmith Black Mambazo.

Lo mjaho ozobizwa ngeJoseph Shabalala Marathon kuhloswe ngawo ukugqugquzela igenge esencane ngokuthi ingalilahli ithemba lempilo engcono.

Impempe ikhulume noThulani Shabalala okunguyena okhulumela Amambazo wathi bazohlonipha uMshengu kodwa inhloso enkulu wukubuyisela izingane endleleni.

“Ngalo mjaho sifuna ukudlulisela umlayezo ezinganeni ezisakhula. Sifisa ziqonde indlela eyahanjwa ngumsunguli waMambazo.

“Washiywa ngubaba wakhe eneminyaka engu-12 nje kuphela. Kodwa nakhu wakwazi ukugcina esungule iLaydsmith Black Mambazo eyagcina idume umhlaba wonke.

“Kwakungelula ukuyisisungula ngoba kwakubanjwa kuyekwa lisaqala kodwa ngenxa yokubekezela kwakhe ligcine selihambe umhlaba wonke jikelele.

“Liphinde lahlabana ngendodo yamaGrammy Awards amahlandla amabili,” kuchaza uThulani ngalo mjaho oneminxa eminingi.

Amambazo aqamba ingoma ethi “Marathon” okuyiyona leli qembu lesicathamiya elizobe lidlisa ngayo njengoba lizobe liyodlala e-US nasemazweni ehlukene e-Europe maduze.

Eqhuba, uThulani uthe bazonxenxa abalandeli bakaJoseph “Mshengu” Shabalala ukuba bafike kuleli bezokweseka lo mjaho njengoba ubezithanda izingane.

Bazophinda banxenxe amasonto ukuba abazalwane babe yingxenye yalo mjaho ozosukela eMbuzweni lapho kuzalwa khona uMshengu uguduze ePhayikeni udlule eMoba uphelele edolobheni laseMnambithi.

Umjaho uhlukaniswe amabanga ehlukene okukhona kuwo owe-42km, 21km, 10km no-2km. Kulindeleke uhanjelwe yizithunywa zikahulumeni emazingeni ehlukene.

FUNDA NALA: Siveza isizathu esenze washeshe waxoshwa uMngonyama kweziMnyama

Kukhona nabaholi bakahulumeni abazowugijima lo mjaho kanti nondunankulu waKwaZulu-Natal angase bae khona kubo kwazise uvele ungumgijimi.

Uzogijinywa nangabashayi besibhakela kwazise uMnambithi udume umhlaba wonke ngenxa kaShabalala owayezwi elimtoti noThulani “Sugerboy” Malinga owashaya isibhakela esinenkosi phakathi.

Kubashayibesibhakela esingababalula ukuthi sebephakamise isandla ukuthi bazogiima nguyena uMalinga, u-Elijah “Tap Tap” Makhathini noChristopher Buthelezi.

Kumenywe nabasubathi abanqoba iComrades Marathon phambilini abafana noBongumusa Mthembu, Nick Bester, Gerda Steyn, Sam Shabalala, Futhi Nhlapho, Josia Thungwane noWillie Mtolo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.