Usekhonjwe indlela uNtseki kwiBafana

UMolefi Ntseki

OKADONGA GUMBI
Sekuvele ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki uzoxoshwa kulesi sikhundla kulandela ukwehluleka kwakhe ukufaka leli qembu kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.
IBafana isale kancane ekutheni ingene kule midlalo njengoba ishode ngephuzu elilodwa ekutheni iqede isendaweni yesibili eqoqweni layo. Ukubambana neGhana nokwehlulwa yiSudan emidlalweni yokugcina yikho okudalele uNtseki amazinyo abusehlelezi.
Umsakazi weSABC, uRobert Marawa useveze ukuthi ibhantshi lizogcwala umoya kuNtseki kanti lokho kuzomenyezelwa ngoLwesithathu emhlanganweni weSAFA nabezindaba.
Ebhala kwiTwitter, uMarawa uthe uNtseki ubizelwe emhlanganweni ngoLwesibili ntambama lapho enxuswe khona ukuba asule esikhundleni kepha wenqaba.
Kube sekuhlala umhlangano ophuthumayo wesigungu esiphezulu seSAFA nokuyilapho isinqumo sokuthi kunqanyulwe inkontileka kaNtseki siphume khona.
Emidlalweni elishumi eqeqesha iBafana, uNtseki uwine emine, wehlulwa kwemithathu, wadlala ngokulingana kwemithathu.
Wayeqale kahle njengoba bekubonakala ezoyifaka iBafana kwi-AFCON kodwa uhlelo lwabhimba ekugcineni beshaywa yiSudan ngo 2-0, okwenze wasolwa kakhulu.
Abaningi bakhala ngokuthi kusamele athole amava ngokuqeqesha kwenye indawo kwazise ubepheka abafana abancane emaqenjini eSAFA phambilini.
Amagama oPitso Mosimane noBenni McCarthy yiwo aseqhulwini kulabo abaningi abafisa bathathe lesi sikhundla kanti nelikaCarlos Queiroz sekuke kwakhulunywa ngalo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *