Uzokubeka eceleni ukujabulela ukuqokwa kwiBafana abheke umdlalo weligi uMartin

UCraig Martin weCape Town City

MTHOKOZISI MNCUSENI
UCraig Martin weCape Town City obizelwe kwiBafana Bafana okokuqala ngqa ubone kungcono ‘zibulawe’ izitha zabo kwiDStv Premiership iStellenbosch FC abazokhiphana inkani nayo ngoMgqibelo ngo 3 ntambama eCape Town Stadium.
Umqeqeshi weBafana, uMolefi Ntseki umemezele iqembu lakhe labadlali abangu-26 azobhekana ngabo neGhana neSudan kweyokuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) elandelayo.
Phakathi kwabadlali abangakaze babizelwe kuleli qembu abafakwe yilo mqeqeshi singabala unozinti waMaZulu uVeli Mothwa, phesheya, Ruzaigh Gamildien weSwallows FC noMartin.
Ibafana izokwamukela iGhana eGoli ngoMashi 25 ngaphambi kokuyodlalela ekuhambeni neSudan e-El Hilal Stadium ngemuva kwezinsuku ezintathu.
“Ngiyalijabulela leli thuba, kade ngalisebenzela kanzima. Ngidlale ezindaweni ezehlukene kwiCity kanti nakwiBafana ngizodlala la umqeqeshi engidinga khona,” kusho uMartin.
Nokho injabulo yokubizelwa kwiBafana kumele ayibeke eceleni okwamanje lo mdlali ogabe ngejubane eliyisimanga. Okwamanje kumele abeke ingqondo yakhe emdlalweni wabo neStellies.
“Kade sawulinda lo mdlalo wabakhaya. Azidedelwe manje zithathane. Siwulindele lo mdlalo futhi amaphuzu siwadinga ngaphezulu kwabo. Asivele sibabulale,” usho kanje lo mdlali obizwa kwiBafana okokuqala eneminyaka engu-27 ubudala.
IBafana isendaweni yesibili kuGroup C lapho ibambene khona nesitha esilandelayo iGhana engcono ngokuhlohlwa kwamagoli.
Mine imidlalo esigijinyiwe kuleli qoqo. Isudan iyona kuphela esengaphazamisa iBafana neGhana kwazise isele ngomdlalo neSao Tome ekuzibekiseleni indawo kwi-Afcon ezokuba seCameroon ekuqaleni konyaka ozayo.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.