Uzokwaziwa maduze nje ozothatha eseBafana

Abadlali beBafana Bafana

OKADONGA GUMBI

Isikhulu esiphethe ikomidi elibhekelele ezokuqeqesha kwiSafa, uJack Maluleka sithi sebeqalile ngohlelo lokubheka zonke izicelo zomsebenzi abazitholile kwabahalela ukuqeqesha iBafana Bafana.

Uthe bathole izicelo ezicela ku-200 ezivela kubaqeqeshi abahlukene kuleli naphesheya kwezilwandle kanti kuzothi namuhla bazoqala bahlunge kuze kusale abahlanu abazobe sebebanikeza isigungu esiphezulu sale nhlangano ukuze iqoke oyedwa kubo.

“Sithole inqwaba yezincwadi zesicelo somsebenzi ezisuka kuleli naphesheya. Cishe Zila ko-150 kuya ku-200 izincwadi esizitholile ezivela kwabafisa ukuthatha lo msebenzi wokuqeqesha iBafana,” kusho uMaluleka.

IBafana isale ingenamqeqeshi kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki owahluleka ukuyufaka emidlalweni yeCaf Africa Cup of Nations (Afcon).

Ekhuluma kwiSAfm, uMaluleka uthe bawaqaphelile namagama abelokhu evela kwabezindaba nalawo omphakathi obuveza uvo lwawo ngokuthi ubani abafisa anikwe lo msebenzi.

“Ngike ngafunda nombiko obuthi sizoya eGibhithe kuleli viki siyohlangana noPitso, kodwa lokho akulona iqiniso.

“Kodwa siyayemukela imibono namagama ehlukene aseveziwe nawalabo abafake izincwadi zesicelo somsebenzi.
“Uma sesophothulile ngohlelo lokuhlunga sesisele nagama amahlanu, sizowasa esigungwini esiphezulu ukuze siveze owaso umbono.

“Sethemba ukuthi sizobe sesinaye umqeqeshi ingakapheli le nyanga (Ephreli). Sibheka bonke abakuleli nabaphesheya,” kuchaza uMaluleka.

Umqeqeshi ozoqashwa uzozithola enengcindezi zisuka amadaka kwazise imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba iyaqala ngoJulayi kanti akubukeki ezoba besikhathi esanele sokuzilungiselela ngaphambi kwalokho.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.