Uzolwa esejahe impi elandelayo uLamati

Uzolwa esejahe impi elandelayo uLamati
ULudumo "9mm" Lamati
UBHALWE: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kulindeleke kuqhume isibhakela esiqhwiza umentshisi ngoMgqibelo e-Emperors’ Palace empini kaLudumo “9mm” Lamati noMohamed Hassan waseMexico. Le mpi izoba nemizuliswano eyisishiyagalombili njengoba kungeyokuhlunga.

Umqeqeshi kaLamati, uPhumzile Matyhila utshele Impempe ukuthi amalungiselelo ahamba kahle kakhulu. Uthi bagcwele ukuzethemba ngoba ubona ngendlela uLamati azinikele ngayo ejimini.

“Uyakuqonda ukuthi kuyena nakithi le mpi isemqoka kangakanani. Uzobe elungiselela impi ezayo nezodonsa amehlo abathandi besibhakela ikakhulukazi e-Eastern Cape,” kusho uMathyila.

Uma enqobile kule mpi uLamati uzobe esenikwa ithuba lokubhekana noZolani “Last Born” Tete. Yize engakawini uLamati, kodwa le mpi yakhe noTete seyivele ibhekwe ngabomvu njengoba abalandeli sebekhuluma nangayo nasezinkundleni zokuxhumana.

Abalandeli bakhe bathi bafuna athathise uTete umhlalaphansi, amkhombise ukuthi isikhathi sakhe sesiphelile. AbakaTete bona bathi lingawa licoshwe zinkukhu njengoba befuna ukuthi leli qhawe labo limfundise isifundo samahhala uLamati.

ULamati noTete ngabanye babashayisibhakela bakuleli abakhombisa ukuba nekhono elihle kakhulu. Indlela abalwa ngobuciko ngayo eringini iyona ebenza bathandwe kakhulu.

ULamati muhle ngezibhakela zakhe ezinamandla okuyinto okubhekwe ayisebenzise uma esebhekene noHassan ngoMgqibelo. Kuzodingeka ake ayikhiphe engqondweni yakhe le mpi yakhe noTete asebenze.

Vele ithuba lokulwa noTete lizovela ngokuthi ahlule uHassan ngakho akumele enze amaphutha angamenza agcine engayitholanga le mpi. ULamati unezimpi ezingu-18 kanti uwine ezingu-17, walwa ngokulingana kweyodwa. Kulezi aziwinile, eziyishumi zibe yimingqimuzo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.