Uzomelwa yinhliziyo uGavin Hunt edlala onozinti beKaizer Chiefs bemdlisa

Usale elele kanje u-Itumeleng Khune ngemuva kokwenza iphutha elidlise iKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Uzogcina emelwa yinhliziyo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt okufanele ukuba akasazi athatheni ahlanganise nani ukuze onozinti bakhe abathembile bayeke ukumhlinzela ezibini.

Bobabili o-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi – abayizethenjwa emaqenjini esizwe kuleli naseNigeria ngokulandelana – sebemqhathe nenduku kungafanele uHunt emidlalweni embalwa edlule.

Emdlaweni weNedbank Cup emasontweni amabili edlule, kwasolwa u-Akpeyi ngokuthi uhlulekile ukubamba ibhola laze lawela kumdlali weRichards Bay, walinamathisela enethini.

NgoLwesithathu, uHunt ubuyisele uKhune epalini ngethemba lokuthi wafunda emaphutheni akhe aphambilini. Kodwa lesi senzo simqhathe nenduku.

Ngesikhathi zibambene ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, Usuthu luthole ikhona. Bekubukeka kuyibhola elilula, waphuma uKhune eyolikhipha.

Kodwa uthe uyalixhimfa, waligeja qede lawela kuLehlohonolo Majoro, walibeka enethini kwaba ngu 2-1 agcine edliwe ngawo Amakhosi.

“Senze ushintsho ezintini kodwa kwaphinde kwaba nephutha elenziwayo,” usho kanje uHunt ngemuva komdlalo.

“Kumele siqhubeke silwe sibheke phamabili sibe nethemba, sizikhandle,” kuqhuba yena. Uthe akasoli lutho olunye kulo mdlalo ngaphandle komphumela.

“Siphoxekile futhi… Akukho okutheni okwenzekile emdlalweni, besingebabi kakhulu. Besingawuwina bathi lo mdlalo. Bathole igoli lenhlanhla bawina ngalo,” kuchaza yena.

UHunt wenze okungajwayekile kulo mdlalo, efaka abuye akhiphe uLebogang Manyama, ophume ebukeka ecasukile wajokola wayosithela ezindlini zokushintshela kunokuyohlala nozakwabo abebesebhentshini.

UManyama ubengene esuka ebhentshini ngomzuzu ka-16 endaweni kaHappy Mashiane obelimele. Kodwa ngemuva kwemizuzu engu-46 engenile, ube esedonswa futhi kungena uLeonardo Castro endaweni yakhe.

“Sijike indlela ebesidlala esidlala ngayo ngemuva kokulinyalelwa ngumdlali. Kodwa kubuye kwadingeka sishintshe futhi ngokuhamba kwesikhathi, yilokho okwenzekile,” kusho uHunt ngamafuphi.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

2 thoughts on “Uzomelwa yinhliziyo uGavin Hunt edlala onozinti beKaizer Chiefs bemdlisa”

    1. Siyaxolisa ukubuyela kuwe sekwedlule isikhathi eside, kodwa siyabonga kakhulu. Amazwi akho asifaka umfutho wokuqhubeka

Leave a Reply

Your email address will not be published.