Uzoncengwa uRamaphosa ukuba abuyele kwiBafana uPitso?

UPitso Mosimane

OKADONGA GUMBI

Sekuvele ukuthi iSafa izozama ngayo yonke indlela ukubuyisa uPitso Mosimane ukuba azophatha iqembu lesizwe, iBafana Bafana.

Ngokwemibiko esabalele e-Egypt, la uMosimane engumqeqeshi we-Al Ahly khona, ngisho uNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli, uNathi Mthethwa useke wazama kodwa wehluleka ukunxenxa uMosimane.

IBafana ayinamqeqeshi njengamanje kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki ngenyanga edlule kulandela ukuhluleka ukufaka iqembu kwi-Africa Cup of Nations ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.

Bekubhekwe ukuba iSafa imethule ngoMgqibelo umqeqeshi wayo omusha kodwa yakuhoxisa lokhu, ibika inkinga yokuhamba phakathi kwamazwe ehlukene okudalwe wukubheduka kweCovid-19.

Nokho ngoMsombuluko sekuvele ukuthi yingoba iSafa isazama ukunxenxa uMosimane owake wawubamba lo msebenzi kusukela ngo-2008 eyiphini likaCarlos Parreira.

“Kusazoba nomunye umhlangano ngoLwesibili la iSafa izofika nesikhulu esiphezulu eNingizimu Afrika ukuzozama ukushela uMosimane,” ucashunwe esho kanje u-Ahmed Shobier emithonjeni yezindaba ehlukene e-Egypt.

UShobier wake wadlala kwi-Al Ahly kanti kuthiwa uzazi zonke izindaba zayo. Yize kungacacanga ukuthi ngubani lesi sikhulu iSafa ezogadla ngaso, sekusuke ukuqagela ngokuthi cishe nguMengameli uCyril Ramaphosa.

Nokho abanye basola ukuthi kuzoba nguPatrice Motsepe obengumengameli weMamelodi Sundowns osekusomaqhuzi kwiCaf njengamanje.

I-Al Ahly yona igcizelele ukuthi akukho esakutholile kuvela kuMosimane noma iSafa ngodaba lokushiya kwakhe kuleli qembu ngenhloso yokubuyela eNingizimu Afrika.

“I-Al Ahly akukho esakutholile ngoPitso Mosimane. UMosimane usehlele yonke into ngekusasa lakhe kwi-Al Ahly futhi wakiqinisekisa ukuthi uzoqhubeka nokusebenza lapha,” kusho uSayed Abdel-Hafiz oyisikhulu se-Al Ahly ocashunwe ngabeKingfut.com.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.