UZondo akafuni iThwihli Thwahla ifane neChiefs

Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weRoyal AM, uKhabonina Zondo, uthi abafuni ukwenza iphutha elenzeke kwiKaizer Chiefs ebuye emidlalweni yeCAF izinto zangayihambela kahle.

IThwihli Thwahla izodlala kwiCAF Confederation Cup kulandela ukuqeda endaweni yesithathu kwilogi yeDStv Premiership ngesizini edlule. UZondo uthe bazodlala ngokuzimisela kule midlalo yase-Afrika kodwa nalapha ekhaya kumele baqhube kahle.

“Sifuna ukudlala kahle kukho kokubili, imidlalo yekhefu nakwiPSL,” kusho uZondo.

“Khumbula ukuthi imidlalo edlalwa kwiCAF ithanda ukuhluka kunalokhu esinakho lapha. Kuzobe kuyinselelo ehlukile, futhi izosenza sikhule.

“Uma kuwineka kuzoba yinto enhle kodwa uma singawini kuyobe kungasho ukuphela komhlaba. Nokho siyadinga ukuthi kwiPSL sincintisane njengoba senzile ngesizini edlule.”

IChiefs idlale kwiCAF Champions League yaze yafika kowamanqamu lapho ishaywe khona yi-Al Ahly ngo 3-0 ngesizini ka-2020/2021. Kusukela lapho izinto azikaze zihlangane kahle kuleli qembu laseNaturena.

“Kunamaqembu aye emidlalweni yeCAF athi uma esebuya ekhaya izinto zangahamba kahle. Lokhu kusinike isifundo esibalulekile,” kusho uZondo.

“Elinye lalawo maqembu yiKaizer Chiefs. Uyazibonela nawe ukuthi kubathatha isikhathi esingakanani ukuthi babuyele esimeni esikahle. ISundowns yingoba nje inabadlali abaningi abahle ngakho ayishayeki kakhulu.

“Yilokho nathi okumele sikwenze eqenjini lethu. Njengoba ngishilo ngeke kusisize ukwenza kahle ngaphandle kodwa uma sesibuya ekhaya sishaywe. Abadlali abazosala lapha ekhaya kumele bakwazi ukudlala imidlalo yePSL bayiwine.”

Akuyona yodwa iChiefs eshayekile ngemuva kokudlala kwiCAF. AmaZulu FC abe nesimo esifanayo ngemuva kokuyibamba kweyeCAF.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.