UZondo usize iDolphins icwila nomkhumbi

UKhaya Zondo
Sihle Ndlovu

UKhaya Zondo ushaye into ecokeme esiza iHollywood Dolphins ukuthi iputshulukele kowandulela owamanqamu weT20 Challenge, ngemuva kokushaya iWestern Province ngama-run angu-65, ngoLwesithathu.

IDolphins ayiwuqalanga kahle lo mdlalo kulandela ukulahlekelwa amawikhethi amathathu ngokushesha kwi-innings yokuqala. UZondo ungene wabhetha kahle wagcina enze ama-run angu-59 engaphumanga.

Abanye abadlali abadlale kahle ukusiza imizamo kaZondo, ngu-Andile Phehlukwayo (28*) noBryce Parsons (29). Ngasohlangothini lweProvince bekubhoke uGeorge Linde othathe amawikhethi amabili kuma-over okuqala okuyinto eyiphazamise kakhulu iDolphins.

Iphendula iProvince impintshelwe ekhoneni abashwibi beqembu laseThekwini kanzima. UPhehlukwayo uthathe amawikhethi amabili, uParsons wathatha amathathu, kwathi ukaputeni uPrenelan Subrayen wathatha amabili.

IProvince igcine ikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-83 nokuchaza ukuthi iDolphins ithole iphuzu lebhonasi kulo mdlalo.

UZondo uqokwe njengomdlali obhethe kahle kunabo bonke kulo mdlalo. IDolphins ibidinga ukuwina lo mdlalo ukuze idlulele kowandulela owamanqamu, kungenjalo ibizowasha ijezi kulo mqhudelwano.

Iqembu laseThekwini kuzomele likhuphule amasokisi njengoba lizodlala umdlalo owandulela owamanqamu neTitans, evuthayo, ngoLwesihlanu. Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzotholana phezulu iProvince neRocks ngalo oLwesihlanu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.