UZongo akasiboni isimanga kosayinwe yiChiefs

UZongo akasiboni isimanga kosayinwe yiChiefs
UMasibusane Zongo
OkaDonga Gumbi

UMasibusane Zongo ukhulume izinto eziningi njengoba ebevuleleka ngokwehla kwezinga lebhola lakuleli kodwa ngathi yiKaizer Chiefs aphume nayo iqhubu kakhulu.

UZongo ubenengxoxo evulelekile nabe-#PrimeSportsWithMahlatsi la ebezilevela khona ngakho konke okwenzeka ebholeni.

Uveze ukuthi alisekho leli bhola elidlalwa kuleli futhi yiMamelodi Sundowns kuphela edlala into ebonakalayo.

Uthe ne-Orlando Pirates iyazama yize ibuye yehluleke nje. IChiefs yona ethe eyayo indaba ixoxwa ngekhwela.

FUNDA NALA: URamovic uthi uBrooks useyapensa yingakho engamdlalisi nje

Lo mdlali oneminyaka engu-32 osedlale emaqenjini amaningi ehlukene abexoshwa kuwo ngenxa yokuhluleka ukuziphatha uthi iChiefs imoshe isikhathi nje ithenga uSiyethemba Sithebe kuMaZulu FC.

“Khona abanye abanama-dreads, badlala kuMaZulu bagqoka onamba 10. Basayine kwiChiefs. Kanjani nje?” usho kanje uZongo ngoSithebe. 

Ukhuluma kanjena nje ngaye iChiefs icishe yangena kwelikhulu ibhobo ngenxa yokuthenga kwayo uSithebe okucasule umengameli woSuthu uSandile Zungu.

USithebe uzojoyina iChiefs ekupheleni kwale sizini uma sekuphele inkontileka yakhe naMaZulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.