UZongo ukhala ngendavundavu yebhola kwiPSL, akayiphathi ke eyeChiefs

UZongo ukhala ngendavundavu yebhola kwiPSL, akayiphathi ke eyeChiefs
UMasibusane Zongo
OkaDonga Gumbi

UMasibusaze Zongo owayengumdlali weSuperSport United nePlatinum Stars uthi usenqena ngisho ukuyibuka imidlalo yeDStv Premiership ngenxa yokuthi ibhola elidlalwa kuyo liwumbozo wodwa.

UZongo, owayedlisa ngomjiko omangalisayo, kumanje akanaqembu kulandela ukuhlukana kwakhe neBizana Pondo Chiefs abewuhlupho nakuyo.

Ikusasa lakhe elalibonakala liqhakazile ebholeni lagcina lishabalale engakazenzi izimanga ezazilindelwe ngenxa yokungaziphathi ngendlela efanele.

No-Andile Mpisane uke wamzama kwaze kwaba kabili uZongo emsayina ngesikhathi beseneRoyal Eagles ebidlala kwiGladAfrica Championship.

Nakhona lapho wagcina ededeliwe ngenxa yakho belu ukuhluleka ukuziphathisa okomdlali wezinga elikhokhelayo.

Ekhuluma kwi-#PrimeSportsWithMahlatse, uZongo uthe yena usevele abhoreke uma ebuka imidlalo yamaligi akuleli ngoba ibhola lakhona yindavundavu.

“Lento esiyibukiswa kwiPSL akuselona ibhola. Ngiyaxolisa kumajita ngokukhuluma kanje, bangixolele,” kusho yena.

“Ngethemba ukuthi bazoba neqiniso bazinuke amakhwapha ngoba abanye babadlali esibabuka kulezi zinsuku hhayi ayikho lento.

“Njengamanje angisayibuki imidlalo yePSL. Ngizobukani? Ibhola lethu selijikile. Labo ababelidlala ngaphambi kwethu babebuka abadlali abanekhono njengoTeenage Dladla nabanye bangaleso sikhathi.

“Inkinga yilesi sitayela esidlalwa manje. Yingakho iPSL iyiligi engahlabahlosile nje, inabadlali abangahlabahlosile.

“Bheka nje nasemaqenjini esizwe, kukhona abadlali abafana noHashim Domingo weMamelodi Sundowns kodwa babhekwa nokubhekwa eqenjini lesizwe.

“Uyisihlabani lowa mfana. Sinabadlali abafana noSiphelele Mkhulisi. kodwa abekho eqenjini lesizwe. Engikushoyo wukuthi izinga lebhola kuleli lehle kakhulu.

FUNDA NALA: UShonga usongela iPirates ayegijima kuyo yamxosha

“Ibhola lake laba mnandi ngezikhathi kunabadlali abafana no-Isaac ‘Shakes’ Kungwane ongasekho, Jabulani Mendu, Teko Modise, Reneilwe Letsholonyane, Emmanuel “Scara” Ngobese, Masibusane Zongo, Junior Khanye, Jabu Mahlangu, Skapie Malatsi nabanye.

“Kwakuyibhola langempela ke lelo. Kulezi zinsuku sengize ngincamele ukubuka elaphesheya kunelePSL.

“Ngesikhathi ngisengumfana oqoqa amabhola kwiSuperSport ngangibuka abadlali abafana noTeko okwakumnandi ukubabuka, manje akusafani neze.”

UZongo uthi kuze kube ngconywana uma kudlala iSundowns ngoba iyabukela. Uthi ne-Orlando Pirates iyazama yize ibuye iyilahle nayo. OkweKaizer Chiefs khona uthi okwezandla.

“Alisekho ibhola manje. Uma ufuna ukubuka ibhola kumele ubuke iSundowns ngoba yiyona kuphela engijabulelayo ukuyibuka.

“IPirates nayo iyazama kodwa ibuye ibhede nayo. Angifuni nokukhuluma ke nje ngeChiefs ngoba angiyibuki nhlobo. Angikwazi nokuzama.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.