Uzophenduka isigansonso uKomphela uma uZwane weSundowns eqhubeka nokubhakuzisa inethi

OkaDonga Gumbi

 

Njalo uma uThemba Zwane eshaya igoli, umqeqeshi wakhe kuMamelodi Sundowns, uSteve Komphela uyajima ngokushaya ama-push ups angu-50.

Ngendlela awaqhulula ngayo amagoli uZwane, uKomphela cishe kophela isizini esengusozinyama.

Kumanje uMshishi, okuyigama abizwa ngalo ebholeni uZwane, useyibhakuzise amahlandla ayisikhombisa inethi. Lokhu kusho ukuthi uKomphela – oke waqeqesha iKaizer Chiefs phambilini – useshaye ama-push ups angu-350 ngenxa yamagoli kaZwane.

Ebhala kuTwitter wakhe, uKomphela uthe benza isivumelwano noMshishi ukuthi uzombonga ngokwenza ama-push ups njalo uma eshaye igoli.

“Igoli negoli alishayayo lisho ukuthi mina kumele ngishaye ama-push ups angu-50. Yingakho senginjena nje,” ubhale kanjena uKhomphela qede wafaka nesithombe sakhe enoZwane benza ama-push ups.

Indlela asefomini enhle ngayo futhi nawashaya ngayo amagoli uZwane izomenza kuphele isizini eseyisigansonso uKomphela.